Ubesalokhu ezimelele kwelothi babethandana nesisulu, esigamekweni sango-2021
JOHN HLONGWA
KUHLWE emini kunesi wesilisa izolo ngoLwesithathu ngesikhathi iNkantolo yeMantshi, eCamperdown, imlahla ngecala lokudlwengula ingane yentombazane emtholampilo eyayihamba nabazali bayo ngoMbasa (April) wangonyaka ka-2021. ILANGA labika kabanzi ngalesi sigameko. UPhilasande Khumalo, obengunesi emtholampilo iHlengisizwe, eMkhambathini, kulindelwe ukuba agwetshwe maduze, kulandela ukulahlwa yicala. Izolo imantshi uLinda Lewis yethule izitatimende zofakazi abangaphezulu kwabayisihlanu abafakaze kuleli cala. Ufakazi wokuqala kwaba yisisulu (esingeke sisidalule), ngunina wesisulu, abahlengikazi ababili abasebenza noPhilasande, nguNkz Nelisa Nzama noNkk Ngubane ongumphathi kulesi sikhungo, yiphoyisa alathatha izitatimende kummangalelwa kanye nommngalelwa uqobo.
Imantshi ihlaziye isitatimende ngasinye yaze yafika ekugcineni, okuyilapho iveze khona ukuthi ubufakazi obethuliwe, iyabethemba ngoba kakukho lapho bushayisana khona. Ibe isigxeka ubufakazi bukaPhilasande, yathi usenga ezimithiyo uma ethi wayethandana nesisulu. Umsolwa lize lamlahla icala ezimelele kwelokuthi wayethandana nesisulu kodwa engakwazi kubo kwaso, futhi engenalo ulwazi oluningi ngaso, ngoba ethi wayesaba uyise waso “oyinkabi”. Ukungabi nomlando omningi ngomuntu ambiza ngentombi yakhe, lokhu imantshi ikutolike ngokuthi ngamanga aluhlaza. Iphinde yambuza ukuthi kwaba yini imbangela yokuthi ahambe emsebenzini singakashayi isikhathi sokugoduka, kwale noma esofonelwa ngumphathi wakhe, kodwa angabuyi.
Umeli wakhe uNkz Arusha Gopaul umcelele ushwele, wathi: “Ikhasimende lami linezingane eziwu-8, eziwu-5 kuzona zihlala naye. “Uma engaboshwa isikhathi eside lezi zingane zingaphenduka ondingasithebeni, ngakho ngicela inkantolo imshaye ngoswazi oluncane,” usho kanje. Inkantolo ibe isinweba ibheyili yakhe, uzoqhubeka nokuhlala ngaphandle. Uzoya enkantolo uma sekuzophuma isigwebo.