UPitso uthi bayadeleleka abaqeqeshi bakuleli abanohlonze
MFANAFUTHI NDLOVU
ULOBIZELA ukuqeqesha kwiPremier League yase-England uPitso “Jingles” Mosimane osanda kunqobisa i-Al Ahly yase-Egypt inkomishi yeCaf Champions League ihlula iKai-zer Chiefs ngo-3-0 kowamanqamu eMorocco.
UMosimane oseqoqe izicoco eziningi, uveze ukuthi uselobizela ukupheka ikilabhu egijima kwi-English Premiership.
“Uma ngikwazi ukubhekana nabaqeqeshi bezinga eliphezulu kukhombisa ukuthi ngiyakhula ebholeni. Ngizimisele ngoku-qhubeka nokuzicija ngolwazi ukuze ngithuthuke. Kumqoka ukuthi sihlale sihlome ngolwazi njengabaqeqeshi. Kuningi engi-sazimisele ngokukuzuza kulo mkhakha. Ngifunde okuningi ngicija iBafana Bafana,” kusho uMosimane.
Uthe iChiefs kuzomele iphi-nde ibhukule ukuzibeka ethu-beni lokunqoba iChampions League. Uthi kumele iqale ibhekisise umqeqeshi emqa-shayo ukuthi unolwazi olujule kangakanani ngebhola lase-Afrika.
“Thina nje kwiSuperSport United sasizibekele uhlelo olu-thile lokusebenza sakwazi ukuletha impumelelo ekilabhini.
“NakwiMamelodi Sundowns uTed Dumitru ongasekho em-hlabeni noScreamer Tshabalala babazi ngesikhathi befaka imfu-ndiso yeShoe Shine & Piano ukuthi bahlose ukuzuzani,” ku-sho lo mqeqeshi
Uthi kubuhlungu ukuthi ku-khona abaqeqeshi bakuleli aba-nqoba inqwaba yezicoco nje-ngoGordon Igesund kodwa abangaqashiwe. U-Igesund wa-nqoba izicoco zeligi namakila-bhu ehlukene kodwa uhleli ekhaya nolwazi olunzulu analo ngonobhutshuzwayo.