Unesifiso sokwakhaisikole uMaMkhize

233

Uthi uzosebenzisa imali okuzothengwa ngayo incwadi yakhe

LUCKY CAIN
UNESIFISO sokufeza iphupho lakhe leminyaka lokwakha isikole esizogaba ngezemidlalo usomabhizinisi osephenduke usaziwayo, uShauwn “MaMkhize” Mkhize. UMaMkhize ukusho lokhu ngo-Lwesihlanu ngesikhathi ethula ngokusemthethweni incwadi asanda kuyishicilela, ethi “MaMkhize My World My Rules” eCity Hall, eThekwini ngoLwesihlanu. Ekhuluma nezicukuthwane, uthe yonke imali ezotholakala ngale ncwadi yakhe izofeza iphupho lakhe lokuthi akhe lesi sikole esizozinza eMgungundlovu. Uthe useyitholile indawo azosakha kuyona, sekusele ukuba kuhlangane imali, uqale umsebenzi. Uqhube ngokuthi uma le ncwadi ingayenzi imali eyanele yokwakha isikole, uzothembela kozakwabo emabhizinisini nasezinhlakeni ezahlukene ukuthi baphose esivivaneni.


Kule ncwadi uveza impilo yakhe ekhula emndenini owabe ugxile kwezepolitiki nokuhlukumezeka ahlangabezana nakho nezingane zakwabo.
Uchaza nagesigameko sokubulawa komfowabo, uSbu, athi namanje usayiqhawe lakhe. Unxusa abantu ukuba bayithenge lencwadi ukuze bazi kabanzi ngaye nangomndeni wakhe azifelayo ngawo. Umcimbi wangoLwesihlanu ubuhanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene
kusukela kosopolitiki, osomabhizinisi nosaziwayo. UMnu Sandile Zungu ongumengameli wamaZulu FC, umangalise izicukuthwane ngesikhathi indawo yakhe yodumo lokushadela abantu, iZunguness, izothenga izincwadi zikaMaMkhize ngo-R100 000.


Phakathi kwezicukuthwane ezibusise lo mcimbi kubalwa uDkt Mike Sutcliffe, uDuma Ndlovu, uMnu Vivian Reddy nowakwakheuSorisha Naidoo, uMnu Thabani Nyawose, uDuduzani Zuma, uManto Madlala, uNdlunkulu Thandekile uMaNdlovu, Dudu Khoza, Zanele Mbokazi Nkambule, Thandeka Zulu, Minnie Dlamini, Winnie Ntshaba noZweli Mkhize. UMaMkhize uthe incwadi itholakala ezindaweni ezahlukene zokuthengiswa kwezincwadi.

Previous articleIndidakubulawa owesiKebhe obenamatekisi
Next articleIsethembiso sePirates kubalandeli