Ungene ebhokisini exhagiwe osolwa “nomama webhantshi”

239

Uyinqabile ibheyili

NOMFUNDO NGWANE

KUDINGEKE ukuba asizwe ngezinye iziboshwa uMnu Mthofi Msipha ngesikhathi eyovela okokuqala enkantolo ngecala lokubulala ababhekene nalo noNkk Nonhlanhla Mbhele, uMaXolo.
IZITHOMBE: SANDILE MAKHOBA

UNGENE ebhokisini labasolwa izolo ngoLwesithathu exhagwe ngezinye iziboshwa uMnu Mthofi Msipha, obevela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngamacala ababhekene nawo ehlangene noNkk Nonhlanhla Mbhele uMaXolo, “umama webhantshi”. 

Laba babhekene namacala okubulala abantu abasondelene no-Nkk Mbhele, okungudadewabo uNkz Zandile Xolo, umlamu wakhe uMnu Thulani Cele nengane yomngani wakhe uMnu Thamsanqa Mthembu ngoba befuna imali yomshwalense uNkk Mbhele ayebakhave ngayo. 

UMnu Msipha wenze okufanayo noNkk Mbhele, uyinqabile ibheyili yize isimo sakhe besibukeka singesihle, kunzima nokuthi aphefumule ngesikhathi ehleli ebhokisini labasolwa. Kudingeke ukuba acele emantshini, uNkk G N Cele ukuthi ahlale phansi ngesikhathi eyobingelela inkantolo. 

ILANGA selibike kaningana ngalolu daba. Kwavela ukuthi uNkk Mbhele wathenga inkabi esebenzisana noMnu Msipha ukuba ibulale abantu asondele nabo ayebakhave bengazi ukuze ezothola imali yomshwalense. 

Usolwa ngokuthi wahlangana noMnu Msipha bakha uzungu lokuthi kubulawe udadewabo alamana naye uZandile, owabulawa ngezinhlamvu eziwu-12 ngoNtulikazi (July) wonyaka ophelile. 

UZandile wadutshulwa ekuseni eya emsebenzini. Kuthiwa ipholisi ayekhavwe ngayo ka-R100 000 yayisivuthiwe. Kusolwa ukuthi emuva kokubona ukuthi benze umsebenzi omuhle bangabanjwa babe sebejoveka, bahlela ukuba kutholakale inkabi ukuze ibulale uMnu Cele noMnu Mthembu ekuqaleni kwalo nyaka, nabo okuvela ukuthi uNkk Mbhele wayebakhavile. 

Kuthiwa uMnu Msipha nguyena obenguxhumanisi omkhulu, etholela uNkk Mbhele inkabi ezokwenza umsebenzi, aphinde ayikhombise umuntu okumele abulawe. Ngemuva kokunqaba ibheyili imantshi ibe isilihlehlisa icala kusaqhutshekwa nokuqoqa ubufakazi. UNkk Mbhele uphume ebhokisini labasolwa sengathi kukhona okumphushayo, wamshiya kanjalo uMnu Msipha okube wumzukuzuku ukuba aphume ebhokisini labasolwa. 

Kuze kwadingeka ukuba kulandwe ezinye iziboshwa esitokisini ukuba ziyombamba zimehlisele emgodini. UMnu Msipha ubesehlale isikhathi esingaphezu kwenyanga esibhedlela selokhu waboshwa no-Nkk Mbhele.

Baboshwa emuva kokuba inkabi ababesebenza nayo yahlanza lonke iqiniso komunye wabantu okuthiwa babekhavwe nguNkk Mbhele, naye okuvela ukuthi kwakuhlelwe ukuba ayobulawa.