PHUMLANI GAMA
UNGENE ehlazweni uMasipala waseMtubatuba kugasela isikhonzi senka-ntolo, sashaqa impahla yawo emuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseThekwini igunyaze ukuba ithathwe ngenxa yokuthi uhluleke wukukhokhela usonkontileka imali obumkweleta yona.
Kubikwa ukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi kukasonkontileka owanikwa umsebenzi wokwakha inkundla yebhola lombhoxo budebuduze nedolobha laseMtubatuba ngo-2021, kuphethe kabi sekuyiswana ezinkantolo. NgoMsombuluko kunikele isikhonzi senkantolo emagcekeni alo masipala, saveza amaphepha agunyaza ukuba sithathe noma yini.
Sithathe umshini wokulungisa umgwaqo, iTLB, sehlulwa wukuthi eminye yale mishini kayidumi futhi beyingekho iloli yokuyithwala. Umdonsiswano uphakathi kwalo masipala noMnu Stuart Sharmick ongumnikazi weMhlathuze Construction and Industrial Suppliers CC. Umasipala uveze ukuthi le nkampani yehluleka wukwenza umsebenzi eyayiqashelwe wona.
NgoLwesibili, ILANGA lifike emahhovisi alo masipala kuneloli esangweni, okuvele ukuthi ilinde ukulayisha ingxenye yempahla okubalwa kuyona nama-laptop. Umthombo osondelene nalolu daba, utshele leli phephandaba ukuthi usonkontileka ufuna ukukhokhelwa u-R1.6 million ngomsebenzi awenzile, sekuhlangene nemali yezindleko zokufakwa kodaba enkantolo.
ILANGA lizamile ukuxhumana noSharmick kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Lixhumane nemenenja yalo masipala, uMnu Thami Xulu, eveze ukuthi abammeli bomkhandlu balungisa amaphepha azofa-kwa enkantolo ukuze kuzobuyiswa impahla edliwe yisikhonzi.
phumlani@ilanganews.co.za