UNgizwe ucasule amabutho

687

NHLANHLA HUDLA

UKHWELE wadilika kuNgizwe Mchunu emsola ngokungahloniphi amakhosi nabantu abadala, uNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba waseBhanganoma, KwaNongoma, ozakhele ugazi ngokuzibhala esifubeni umbhalo othi Shenge 95, okuyiminyaka yeNkosi uMangosuthu Buthelezi efihlwe ngoMgqibelo owedlule oNdini.

UNdabandaba wabonakala ekhwela edilika kuNgizwe esho nokusho ukuthi akamesabi. Wathi angalwa naye ebelethe umuntu.

Ekhuluma neLANGA ngokwenza kwasusa umsindo uPhakelumthakathi, uthe: “Empe-leni abantu abaningi kabezwanga ukuthi kwenzekani. UMacingwane wakhuluma amagama ayiziswana, ewabhekise kubaba wethu uMpangazitha, okunguyena owayesi-phethe njengebutho.

“Thina sangena njengebutho sekuzokhuluma umengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, sayalelwa ukuba sihlangane ngokushesha nezinduna ukuze senze iqhinga lokuba senze isibaya, ukugada ukuthi akekho umuntu owenza okungakulungile njengoba kwakukhuluma umengameli wethu, okungumuntu omdala.

“Thina maZulu sifundisiwe ukuthi kumele sihloniphe abantu abadala. Lokhu okwenziwa nguNgizwe, kwaba wukungakhuli. Ngakhetha ukungasho ukuthi yini lena ayisho ngoba ngisaba ukuthi kuzokonakala kakhulu.

“Akagcinanga lapho njengoba wavele wasuka, wagiya esikhaleni. Kuthe uma ekhuzwa, wavele wabhokela izinduna ngolaka, washo namagama alumelayo engingeke ngikwazi ngisho ukuwasho. Yilapho-ke engamtshela khona ukuthi makaqondise ulimi lwakhe, kungaze konakale umcimbi wenkosi yethu.

“Kayikho impi enginayo noMchunu. kwakuwukulungisa isimo ngaleso sikhathi. NgesiZulu kuyaye kuthiwe kayizondi inkabi. Konke okwenzeka kwabe sekudlula emuva komcimbi. 

“Ngiyathemba ukuthi umfo kaMchunu ngeke aphinde akhulume amagama alumelayo ebantwini abadala ngoba ngelinye ilanga uyoyikhotha imbenge yomile,” kusho uPhakelumthakathi.

ILANGA lishayele uNgizwe ukuthola uvo lwakhe ngalolu daba, wathi: “Kangikhulumi nezintatheli mina.” Uqede ukusho lokho wavala ucingo. lwakhe.

hudla@ilanganews.co.za 

www.ilanganews.co.za

Previous articleUzwakalise umyalezo kayise nge-IFP
Next articleAwukwazi ukudikila iNingizimu Afrika bese kuthuleka nje