UNgizwe uvulelwe icala lokushaya

152

SKHOSIPHI MTHEMBU

USEZIFAKE kolunye utalatiya owayengusakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, emuva kokushaya ngempama owesilisa kubuka abantu kwiMpucuzeko kaMaskandi eyayingoMgqibelo womhla ka-12 kwephezulu ePeople’s Park, eThekwini.
Uvutha engabaselwe uMnu Sabelo Ngema ongumhleli wemicimbi – futhi ongusihlalo weMlazi Township Tourism – emuva kokushaywa ngempama nguNgizwe kugcwele izicukuthwane kulo mcimbi.

UNgizwe wenza lokhu nje, usahamba icala abhekene nalo lokuvubela udungunyane ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi (July) 2021. Kulindeleke ukuba kuphume isinqumo eNkantolo yeMantshi, eRandburg, eGoli.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMnu Ngema, uthe uyaqala ukwehliswa isithunzi ngale ndlela, ubonwe ngisho nangabantu abamhloniphayo, asebenze nabo, eshaywa ngempama. Uthe ufuna uNgizwe abhekane nengalo yomthetho ngento ayenzile.

Elandisa leli phephandaba ngokwenzekile, uthe ushaywa nje, isono sakhe kube wukubuza uNgizwe ukuthi akaze ambone yini uMnu Andile “Mzimbokhalimali” Dlamini, oyinyanga evame ukugqoka imali. Uthe uNgizwe akazange awuphendule umbuzo wakhe, kunalokho udedele ulabhabha wempama.

“Akuyena nomuntu engimjwayele, ngike ngimbone nje kweminye imicimbi engike ngibe yingxenye yayo. Ngalolu suku ngifike sekuhambe isikhathi kulo mcimbi. Ngingene etendeni lezicukuthwane ngoyobheka uMnu Dlamini, ngoba bengizogoduka naye, kwazise sihlala ngandawonye. Ngiye kuNgizwe, ngambingelela ngiguqile ngoba ngimhlonipha, ngabe sengibuza ukuthi akambonanga yini uMnu Dlamini.
Uvele waphendula ngokungithela ngempama wangasho lutho emuva kwalokho. Ngisathukile nginjalo, kusondele abesilisa abebemgadile, bangibanga bangibuyisela eceleni. Babe sebemxolisela, bathi mangiyidlulise le nto. Kungixakile ukuthi yini ngempela eyiphutha engiyenzile. Ngibuze kuyena ngoba ngazi ukuthi umjwayele uMnu Dlamini, bayazana,” kusho uMnu Ngema.

“UNgizwe uyijwayele le nto yakhe yokubukisa ngabantu, ngoba ethembe ukuthi kuzothiwa makayekwe ugula ngekhanda. Ungihlambalazile ngingenze lutho kuyena. Ngimhloniphile ngaze ngaguqa, yena wabona ithuba lokuthi abukise ngami ebantwini,” kusho uMnu Ngema.
Iphunzile imizamo yokuthola uNgizwe, ucingo lwakhe belukhala lungaphendulwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivuliwe lokushaya. Bekungakaboshwa muntu amaphoyisa asaphenya.

Previous articleUkhuthaza abaculi ukuqamba amaculo amasha
Next articleInkatha ithi izodedela umthetho kwelokudlwengula