UNgizwe uxolisile ngokuthwala uKhongolose ngeqoma

248

MTHOBISI SITHOLE

UJIKE esiswini njengotshwala uNgizwe Mchunu, waxolisa ngokweseka i-ANC ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho lukazwelonke olwalumhla ka-29 kuNhlaba (May), wathi wakwenza lokho ngoba leli qembu lakhombisa ukuhlonipha izimfuno zakhe ezithinta amabhinca. Uthi uKhongolose wathumela uMnu Fikile Mbalula ongunobhala-jikelele wawo ukuba ahlangane naye kuxoxwe, kanti nomengameli wayo, uMnu Cyril Ramaphosa wazifikela mathupha, baxoxa.

Uveze ukuthi abavumelana ngakho noRamaphosa mayelana nezidingo zamabhica – emhlanganweni ababebonawo ngaphambi kokhetho – kuzomenyezelwa nguyena ngqo (uRamaphosa) maduzane.

“Ngiyaxolisa kubona bonke abathintekile ngesinqumo sami sokweseka uKhongolose. Uma ungumholi kufanele abantu bahloniphe izinqumo zakho ngoba basuke bekwethembile esikhundleni okusona. Yingakho ngesikhathi noMnu Hlabisa (Velenkosini) we-IFP enqume ukusebenzisana namanye amaqembu kwakhiwa uhulumeni wobambiswano engazange ayobuza kubalandeli beqembu lakhe ukuthi bathini ngalokho, abe-DA kabakaze nabo baye kubantu babo. Ngakho-ke anikwazi ukuthi nithi uNgizwe yixoki,” kusho uNgizwe.

Uthe nokungaboni ngaso linye obekuphakathi kwakhe nomholi we-EFF, uMnu Julius Malema we-EFF, bazokulungisa maduzane bobabili. Uveze nokuthi uzovakashela uMnu Jacob Zuma eNkandla.

Previous articleKulamule ijaji “kuxabana” umshushisi nommeli bebanga eyokudluliswa kwesigwebo kwelikanjiniyela
Next articleBasazotoka abase-Uganda ababanjwe no-R3 million owumbombayi