MTHOBISI SITHOLE
UBANJWE ngobhogwane yizinhlangano zezemfundo uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga (osesithombeni) ohlehlise inkulumo mayelana nokuthi abafundi bayabuyela yini esikoleni namhlanje ngoMSombuluko noma cha.
UNkk Motshekga bekufanele ethule inkulumo ngo-16h00 izolo, gwiqiqi, kwathiwa usezokhuluma ngo-18h00. Lizilahle kunina imbuzi isaboshelwe esihlahleni njengoba kuthiwe useyokhuluma namhlanje ngo-11h00.
I-National Association of School Governing Bodies, itshele ILANGA ukuthi abafundi ngeke balu-bhade ezikoleni namhlanje njengoba bekade kulindelekile emuva kwesinqumo esithathwe ngo-Mgqibelo ntambama emhlanganweni noNkk Motshekga, izinyunyana zothisha nabo bonke ongqongqoshe bezemfundo ezifundazweni.
Unobhala-Jikelele wale nhlagano yezigungu ezilawula izikole, uMnu Ndo Matakanyane, uthi ungqongqoshe utsheliwe ukuthi abazali banovalo ngezingane zabo ngakhoke ngeke ziye esikoleni.
“Sivumelene nongqongqoshe, watshelwa ukuthi izikole kazikulungele ukufundisa abantwana, kazikafiki zonke izinto zokuqinisekisa ukuthi kuphephile.
“Kusidumazile ukuhlehla kokuthi amemezele esizweni ekubeni bekuvunyelwe kahle kamhlo-phe,” kusho uMnu Matakanyane.
Ngokuthola kweLANGA, bekuvunyelenwe ngokuthi uGrade-7 noGrade-12 babuyela mhla ka-8 kwephezulu, kodwa nakhona bekuzoncika ekutheni izifundazwe zithumele umbiko onjani ngokuhleleka kwezinto ezikoleni.
Kubikwa nokuthi iminyango yezemfundo ezifundazweni idonswe ngendlebe kwathiwa makube yiyona enika uNkk Motshekga imibiko eyiqiniso ukuze naye athathe izinqumo ezinqala ezi-ngaphambene nesimo.
Kulo mhlangano wangoMgqibelo kuthiwa kuveziwe ukuthi amanye amabanga indaba yawo izo-bonakala ngoNtulikazi (July) nangoNcwaba (August). UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthe amalungu eSadtu mawangazihluphi ngokuya ezikoleni kuze kube isimo sesilungile.
“Kasikho isikole esizovula kuqala kunesinye ngoba kusetshenziswa ikhalenda elilodwa.
“Okwamanje kusabunjwe ikomidi lesifundazwe elizohlola isimo ezikoleni, libikele ungqongqoshe ngaphambi kokuba kuqale kusetshenzwe uma sesinelisekile ngokuthi zonke ezokuphepha kothisha nabafundi zihlelekile,” kusho uNkz Caluza esitatimendeni.
Ethintwa uMengameli weNatu, uMnu Allen Thompson, uthe kusahlanganiswa isitatimende esizonikezwa abezindaba.
Ngokuthola kweLANGA, nakuba kuvunyelenwe ngokuthi uNkk Motshekga ahlehlise ukuvulwa kwezikole namhlanje emuva kokuba etsheliwe ukuthi isimo kasikho sihle, ukubeke kwacaca ezinyunyaneni ukuthi kuyamsinda ukuphumela obala ngalokhu ame phambi komphakathi. Kuthiwa izinyunyana zothisha yizona ezimphoqe ukuba kungavulwa.
Umnyango wezemfundo ukuqinisekisile ukuthi angeke izikole zisavulwa namuhla emuva koku-thi ikomiti likangqongqoshe wezemfundo lithole umbiko wokuthi izikole kazikabibikho esimeni sokuvula, kodwa othisha nezisebenzi zomnyango ziyadingeka.