THANDOLUHLE NGUBO
UTHEMBISE ukukhulisa izinga lokugasela kwezinhloli zomnyango wakhe ezitolo zokudla, ama-tuckshop, amapulazi nezimayini njengendlela yokulwa nokuqashwa kwabantu bangaphandle abangenawo amaphepha okuba seNingizimu Afrika uNgqongqoshe wezaseKhaya, uMnu Leon Schreiber.
Uthi lesi senzo sakhe ufisa singahunyushwa njengokungemukelwa kwabokufika eNingizimu Afrika, kodwa sibhekwe njengendlela yokulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho. Ukhale ngokuthi ukugcwala kwabokufika abangenawo amaphepha afanele, kulimaza kakhulu umnotho wakuleli njengoba bengekho abatshalimali abafuna ukufaka imali yabo ezweni elinemingcele evuzayo.
“Kuzonyuka ngo-50% ukuhlolwa kwezisebenzi ezikulezi zindawo zokuhweba kulo nyaka . Lokhu kuzokwenzeka uma sesifike esivumelwaneni neminyango ethile engasilekelela ekuqhubekeni kwalolu hlelo. Ngikholwa wukuthi ukubambisana kweminyango kahulumeni kuzolekelela ekutheni kubanjwe bonke abantu abanesandla ekwephulweni komthetho,” esho.`
Uveze ukuthi lo mnyango sewubeke abaqaphi bemingcele abawu-400. Uthi laba baqaphi baqeqeshwe ngokwezinga eliphezulu ezinyangeni eziwu-8 ezedlule.