THANDOLUHLE NGUBO
UHLONISHWE ngokuthi kuqanjwe ngaye isakhiwo sehholo leNatu eliseNewcastle, uMnu u-Allen Thompson owayengumengameli wale nyunyana yothisha ngesikhathi kunomcimbi wokugubha inyanga yothisha obungoLwesihlanu.
Kulo mcimbi obuhanjelwe nguNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi kuzwelonke, uMnu Thulas Nxesi, uNkk Mbali Fraser ongungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal namalungu eNatu, bekuyobungazwa, kuhlonyiswe othisha ngolwazi nezindlela ezingabalekelela ukuze bakwazi ukufundisa ngesimanje.
Kukhunjulwe amagalelo kaThompson emkhakheni wezemfundo. ISekela-mengameli leNatu, uNkk Brenda Mbatha, liveze ukuthi uThompson limkhumbula ngobuholi bakhe obuqotho nokulwela amalungelo othisha nabafundi.
UNxesi uthe uThompson wayengumngani futhi enguzakwabo kwezobuthisha. Uthe othisha kumele bahambe ezinyathelweni zikaThompson, bacabange baphinde basebenzise izindlela ezifanele ukuxazulula izinkinga abahlangabezana nazo emisebenzini yabo.
UThompson owayenguthisha wezibalo nesayensi, waqale wahola igatsha leNatu lasoBonjeni, wabe esekhethwa ukuhola isi-yingi saseNorth Coast. Ngo-2008 wakhethwa ukuba yisekela likamengameli weNatu, la-pho ayephinde abe ngumxhumanisi wabe-zindaba nenyunyana.
Wabe esekhethwa kwesikamengameli wale nyunyana ngo-2018, wadlula emhlabeni ngo-2021.