Ungqongqoshe ukhuthaze ukulima “ukubhekana” nezindleko zokudla

120

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUZOHLOMULA abalimi abancane ngokulungiswa kwendawo yokulima ewu-57 hectors, ngaphansi koMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo. 

Le ndawo yethulwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBa-mbisana nezoMdabu, uBongi Sithole-Moloi, njengoba uhulumeni usuqalile ukukhuthaza abantu abasezindaweni zasemakhaya ukulima kwazise sekwethwese ihlobo. 

NgoLwesibili uMaSithole-Moloi ubehambisana neNhloko yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uSandile Shabalala – njengoba “beyizingqwele zentuthuko”  kulesi sifunda. 

Abalimi bahlinzekwe ngogandaganda abazobasebenzisa ukulungisa indawo ngaphambi kokutshala. 

UMaSithole-Moloi uthe indlela osekubiza ngayo ukudla, kumele kube yiyona nto ekhuthaza abaningi ukuba bazitshalele, ikakhulukazi abanezindawo. 

UQinisani Mzimela ongusihlalo weClans Farming, uthe babonga ukuxhaswa wuhulumeni.

Uthe bebeba nenkinga enkulu uma kumele balime kulo mhlaba njengoba ubusuhlale iminyaka ewu-5 ungasetshenziswa.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleISadtu iyaziqhathulula kolokumiswa kwezivivinyo
Next article“Ibizwe ngeqola” i-Unisa ichitha eyokuhlonipha abaseMalawi ngezobudokotela