Ungqongqoshe “unswinya” ozakwabo abathanda ubukhazikhazi

321

BHEKI NDLOVANA 

UZWAKALISE eyezinhlelo “zokunswinya” ongqongqoshe namalungu ePhalamende abathanda “ubukhazikhazi”, ungqongqoshe omusha wezemisebenzi yomphakathi nengqalasizinda, uMnu Dean Macpherson weDA (osesithombeni), njengoba ethi akukho zindlu ezintsha ezizoqashwa ukuba bahlale kuzo.  

Lo mnyango uthi kawuyingeni indaba yamalungu ePhalamende afuna ukuthengelwa izimpahla ezintsha, kodwa azosebenzisa ebezisetshenziswa ngamalungu aphumile. 

Amalungu omphakathi avamise ukukhala ngezizumbulu zemali yabakhokhi bentela echithwa wuhulumeni, uthengela ongqo-ngqoshe izimpahla ezintsha noma belungiselwa izindlu ezintsha lapho behlaliswa khona eCape Town nasePretoria. 

UMacpherson uthe umnyango unempahla eyanele ukuhlangabezana nezidingo zawo wonke amalungu ePhalamende. Uthe ngenxa yesimo somnotho, uhulumeni ngeke ukwazi ukumelana nezindleko ezingagwemeka. Uveze ukuthi okuhamba phambili kuye, wukutshala imali kwingqalasizinda, kwandiswe umsebenzi wokwakhiwa kwezwe.  

Njengoba amalungu amasha ekhabhinethi efungisiwe ngoLwesithathu, uMacpherson useqalile ukuqhuba umsebenzi wakhe
njengoba kubikwa ukuthi usebe nawo umhlangano nesekela lakhe, uMnu Sihle Zikalala, nomqondisi-jikelele womnyango, uMnu Sifiso Mdakane.  

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleOkushaqisayo ecaleni lomhlengikazi “owabulala” isisebenzi
Next articleLizoqala ukuqulwa ngo-October elikaMapisa-Nqakula lenkohlakalo