Ungqongqoshe uqinisekisa eyesimo esibi somnotho

144

BHEKI NDLOVANA

UQINISEKISA eyesimo esibi somnotho weNingizimu Afrika uMnu Enoch Godongwana (osesithombeni) ongungqongqoshe wezemali. 

UMnu Godongwana ubekhuluma emcimbini waminyaka yonke weKgalema Motlanthe Foundation, i-Inclusive Growth Forum, obuseChampagne Resort, eDrakensburg, oqale ngoLwesihlanu waphothulwa izolo ngeSonto.  

Uthe  inkulu kakhulu imali ezosetshenziswa wuhulumeni ukhokhela isikweletu kulo nyaka. Wengeze ngokuthi uma kungathathwa izinyathelo zokunciphisa izindleko, kuyophela uNdasa (March) wonyaka ozayo izwe seliphelelwe yimali. 

Uveza lezi zinto nje, kusasa amehlo azobe ethe njo ephalamende elizobe lihleli eCity Hall, eCape Town, lapho ezokwethula khona inkulumo ngesabelomali saphakathi nonyaka. 

Yilapho azomemezela, acacise ngezinyathelo ezizosetshenziswa wuhulumeni ukunciphisa izindleko. 

Kulo mcimbi uMnu Godongwana uphawule nangezinye izinto ezikhinyabeza umnotho wezwe; phakathi kwazo okuyinkinga yobugebengu nenkohlakalo edla lubi eminyangweni kahulumeni.  

bhekin@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleKusolwa isoka ngokufa kwesinqandamathe
Next articleImpi ye-Israel nePalestine ikhombisa ubuthaka be-UN