“Ungumuntu onodlame obulale ingane yakhe ngesagila”

1312

SKHOSIPHI MTHEMBU

WETHUKA izanya umndeni wakwaNgcobo oKhalweni, eNdwedwe, ngenxa yowesilisa ophihlize ngesagila izingane zakhe ezingamawele ngeledlule, kwashona eyodwa, “ngoba ecasulwa wukwenqatshelwa ukuzibona ebusuku”.

Ngokuthola kweLANGA, indaba iqale ngesikhathi abasekhweni bemtshela ukuthi ngeke ukwazi ukukhipha izingane ngaphandle komuzi sekuhlwile ngenxa yokuthi zisencane – njengoba zinezinyanga eziwu-5 ubudala –  ukhakhayi lungakaqini. Kuthiwa okwenza umndeni ungakhululeki, wukuthi umsolwa uyabonakala endaweni kanti kuthiwa useke wathumela umyalezo othi akaqedile ngakwenzile, usazobuyela unina wezingane zakhe, naleli wele elisindile.

Ekhuluma neLANGA uNkz Nokwazi Ngcobo, ongunina wezingane zikamsolwa, uthe isimo sinzima kubona njengomndeni. Uthe selokhu kwenzeke lesi sigameko, kababazi ubuthongo. Uveze ukuthi umsolwa ungumuntu onodlame ngoba wenza lokhu nje, phambilini uke wamshaya enezinsuku ededeliwe esibhedlela emuva kokubeletha, waze waqhuma umthungo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCont Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama
ukubulala kanti kakakuboshwa muntu. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUcwaningo luveza ukuthi kuzobhubhudlwa u-R215 billion kula maholide
Next articleKuboshwe abeSikebhe kutholwa isidumbu