THANDOLUHLE NGUBO
UDEDELWE ngebheyili ka-R30 000 yiNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eKurhuleni, wesula kwesokuba ngungqongqoshe wezemidlalo, uMnu Zizi Kodwa (osesithombeni), obhekene necala lenkohlakalo ka-R1,6 million. UKodwa ubevele noMnu Jehan Mackay – owayeyisikhulu esiphezulu se-EOH Holdings, okusolwa ukuthi yagwazela ithenda ka-R460 million ngo-2016.
Kuthiwa leli cala livuke ngemuva kokuba kuqale uphenyo olumayelana nethenda yokufakwa nokuthuthukiswa kwama-software omasipala abakhulu. Kuvela ukuthi uMackay wakhokhela uKodwa le mali phakathi kuka-2015 no-2018 ngezindlela ezehlukene, yasetshenziswa ukuthenga imoto enkulu nendawo yokuhlala esezingeni eliphezulu.
Encwadini yokwesula – okuthiwa ibhalwe nguKodwa eyibhekise kumengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ubonge ithuba lokuba ngungqongqoshe. Kuvela ukuthi ubethembisile ukuthi uzozibeka phansi izintambo zokuba ngungqongqoshe nokuba yilungu lekhabinethi uma esethweswe amacala ngokusemthethweni. Icala liguqele umhla ka-23 kuNtulikazi (July) nonyaka.