Umndeni wakhe uthi usuyamesaba ngenxa ‘yemikhuba yakhe’
SKHOSIPHI MTHEMBU
UYICHITHE phambi kweNkantolo eNkulu yaseThekwini indodakazi yakhe umfundisi ongunina ka“Mama Webhantshi”, ethi indodakazi yakhe ihubhuza amanga uma ithi nguyena owayinika imvume yokuba ithathele amalungu omndeni nezihlobo umshwalense wokufa. UMfu Doris Xolo uMaMbotho (65) ongunina kaNkk Nonhlanhla Mbele, obhekene namacala okubulala izihlobo nengane yomngani wakhe, ayebathathele umshwalense wokufa, ubegibele ebhokisini lofakazi ngoLwesine. Ukuphikile ukuthi wanika indodakazi yakhe imvume yokuba ithathele abantu imishwalense, njengoba yona phambilini yabisho njalo. UNkk Mbele noMnu Mthofi Msipha, babhekene namacala amathathu okubulala abasondelene noNkk Mbele, okubalwa kubona nodadewabo.
Bonke laba babethathelwe umshwalense nguNkk Mbele, kanti babulawa ngokudutshulwa. NgoLwesine kugibele ofakazi abathathu ebhokisini okunguNkz Nosipho Mdlalose owasinda izinkabi sezizombulala, zaphazanyiswa ukuthi wayenengane encane, uMfu Xolo noNkk Thokozile Mthembu owayengumngani kaNkk Mbele, okwabulawa indodana yakhe uThamsanqa. UMfu Xolo, utshela inkantolo ukuthi indodakazi yakhe ibihlala naye egcekeni kwakhe, inendlu yayo eceleni, eyayakha ngemuva kokubuya emzini sekushone umyeni wayo. Utshele inkantolo ukuthi yize yayihlala naye kodwa yayingamsizi ekondleni umndeni wakhe. Uthe ngisho izingane zikadadewabo, uNkk Susan Xolo, owabulawa ngokudutshulwa, bezondliwa nguyena, kalukho usizo abeluthola kuNkk Mbele.
Ummeli kaNkk Mbele, uNkz Zeera Fareed, uthe ikilayenti lakhe lizotshela ufakazi ukuthi kwaba khona umhlangano womndeni lapho kwavunyelwana ngokuthi lithathele amalungu omndeni imishwalense. UMfu Xolo ukuchithile lokho, wathi kawukaze ube khona umhlangano onjalo futhi akekho yena amnika igunya lokuba athathe le mishwalense. UNkk Mbele ukhale ngokuthi wonke amalungu omndeni wakhe ayamjikela, futhi ayamcindezela, kodwa ayazi ngale mishwalense. UMfu Xolo uthe yena umile kwelokuthi akazange ayinike igunya lokuthathela amalungu omndeni imishwalense. UNkz Mdlalose wasinda izinkabi sezizombulala, ngoMandulo (September) 2020. Uthi kwafika amadoda amabili ekubo, ehleli nengane yakhe, eyayineminyaka emibili ngaleso sikhathi.
Uthi enye yala madoda yangena yahlala phansi, ifake isibhamu enqulwini. Uthi enye yayilokhu iqalaza, ifuna ukubona ukuthi kukhona bani endlini. Uthi abuza ukuthi ikhona yini indlu eqashisayo njengoba babeqashisa ngezindlu kubo, wawatshela ukuthi ikhona. Uthe emuva kwalokho lena eyayiphethe isibhamu, wayizwa isithi “mfowethu, asiyiyeke le nto”, maqede yasukuma bahamba. Uthi akaphindanga wawabona lawa madoda. UNkk Mthembu ongunina kamufi uThamsanqa, utshele inkantolo ukuthi akazange amcele uNkk Mbele ukuba athathele indodana yakhe umshwalense futhi wayengakwazi lokho. Uthi isizathu esenza amnike isitifiketi sokufa kwayo yingoba uNkk Mbele wamkhohlisa ngokuthi uzofaka isicelo emalini yempeshenini ayitholayo njalo ngenyanga yokufa komyeni wakhe, ukuze yelekelele ngezindleko. Ummeli kaNkk Mbele uthi ikilayenti lakhe lisamile ekutheni uNkk Mthembu wayazi ngomshwalense
owathathelwa indodana yakhe. *Icala liyaqhubeka
www.ilanganews.co.za