UNkulunkulu ulindele sidumise singaphezi

1216
UMFUNDISI Ntuthuko Nkosi uthi uNkulunkulu ulindele ukuba sidumise singaphezi kuleli Phasika ngoba uzobe enathi. Isithombe: sithunyelwe

Libizwa ukuba lenzeni iBandla likaKristu kulesi sikhathi sobhubhane iCoronavirus ngePhasika?

IBandla likaKristu aliqali ukudlula ezifeni ezingumbulalazwe njengo-
Coronavirus esibhekane nayo namuhla. 

Leli gciwane lingenze ngakhumbula umlando webandla nengqalabutho yezenkolo yobuKristu, uDokotela Martin Luther King, mhla bebhekane nobhubhane lwesifo, iBlack Death, eyayiqale ngo-1347 eyabhubhisa okungenani u-60% ye-Europe. 

Lesi sifo saphinde sabuya ngo-1527 lapho isibalo sababulawa yilesi sifo saba phezulu kakhulu.  

UDkt Martin Luther King wafundisa ukuthi bonke abaholi bezenkolo nezinhlaka zikahulumeni bangabaleki, kodwa bahlale, ethi “kufanele aba-Phriste bahlale namakholwa bekhombisa ukuthi uMalusi Omuhle odela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu zakhe.” 

IBandla likaNkulunkulu ladlula kulesi simo ngamandla uMoya oNgcwele elokhu elandise njalo futhi elikhanyisele ngezipho zakhe kuze kube manje.

Namuhla sibhekene neCoronavirus esidale ukuba nezinhlelo zamabandla enkolo yobuKristu zimiswe ngenxa yobungozi baleli gciwane. Isililo siqhuma nxazonke ezinkundleni zokuxhumana ngoba ngeke sihlangane kuleli Phasika. 

Kulesi sikhathi umoya wami ududuzwa indaba yokuthunjwa kwabantwana bakwa-Israyeli ngumbuso wase-Bhabhela. 

Ngibona isimo esifanayo sokuphelelwa yithemba nokuphelelwa ngumhlabeleli otusa ubukhulu bukaNkulunkulu ngezikhathi zonke (AmaHubo 137). Siyibandla likaNkulunkulu sibona engathi sekuphelile ngathi, futhi indaba yokukhonza isiphelile ngoba izi-ndlu zokukhonzela zivaliwe. 

Kodwa uJesu wake wexwayisa ngesikhathi lapho singesayi kukhuleka ezindaweni ezithile kuphela, kodwa siyakukhuleka nomaphi noma nini ngokukholwa kuye (John 4:21). 

Into engihlaba umxhwele ngoNkulunkulu uma kuthunjwa u-Israyeli, Izwi lakhe alisukanga kubantu bakhe. Ngamanye amazwi mhla epakisha u-Israyeli eyiswa ebugqilini, noNkulu-nkulu wapakisha wahamba naye. 

Kuthe sebeboshiwe waziveza kubo wathi, “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBhabhele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo” (Jer 29:10). 

UNkulunkulu unathi uyasiqinisekisa ukuba uyakusikhipha kulesi simo (Isa 41:10). 

UNkulunkulu ulindele ukuba sidu-mise singaphezi ngesikhathi sePhasika (1The 5:16-18). 

Umqondo esiwuthola kuJeremiya 29:4-8 owokuthi impilo yebandla ayi-qhubeke emakhaya lapho siphepha khona. Phela ibandla lingulowo muntu okholwa nguJesu futhi nogezwe nguye emanzini ombhabhadiso. 

Ngamanye amagama isakhiwo ngaphandle kwekholwa asilona ibandla. Kuleli Phasika uJesu ufisa simkhonze singenconywe muntu, simthande kungekho abazosishayela izandla ngokumthanda. 

UJesu usimema ukuba sikhuleke emakhaya (Mathewu 6:6) futhi uze agcizelele ngokuthi “Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phaka-thi kwabo” (Mat 18:20).

Rev Ntuthuko Nkosi

ELCSA-SED, Ondini Circuit, Ephangweni Parish 

Previous articleLeli Phasika linenselelo entsha kumaKrestu
Next articleUfisa baqhubeke bayoncela ulwazi emawodini