UNOBHUTSHUZWAYO NEFU ELIMNYAMA KUSHONA USKHUMBA

444

MFANAFUTHI NDLOVU
IFU elimnyama kunobhutshuzwayo waKwaZulu-Natal kudlula uSikhumbuzo “Skhumba” Miya (osesithombeni) waseMlazi, odume kakhulu ngokutholela abadlali abasakhula ithuba lokudlala kwiDStv Premiership. USkhumba ushonele esibhedlela sasePrince Mshiyeni, eMlazi ngoLwesihlanu ekuseni, emuva kokungeniswa kulesi sibhedlela esuka eKing George X11, eThekwini Elandisa ngokudlula kwendodana yakhe, uNkk Tuyu Miya, ongunina kaSkhumba, utshele ILANGA izolo ngeSonto ukuthi namanje kusenzima nakuyena ukwamukela isimo sokudlula emhlabeni kwendodana yakhe. Uthe igule isikhashana ikhala ngokungaphatheki kahle emzimbeni, okuholele ekutheni kugcine kukhukhumala isisu.


“Nakuba isikhathi esiningi singabazali kuyaye kungabi kuhle ukusho ubumqoka bengane yakho kwezinye, kodwa uSkhumba ubengumuntu ohlukile kakhulu ezinganeni. Bengikwazi ukuxhumana naye uma kukhona inkinga emndenini ngaphezu kodadewabo. “Kayikho into abengasenzeli yona siwumndeni. Sishaqekile kakhulu ngokuhamba kwakhe. Ungishiye nesilonda okungelula selapheke ngoba ubeke wangithembisa ukuthi kukhona udaba abefisa siludingide, okungabanga kusenzeka. “Kusasa ngoLwesibili ngibhekisa amabombo ekhaya eLusikisiki ngoba sihlele ukumbeka khona,” kusho unina.


ULindani “Mantayi” Shezi, osebenze kakhulu noS’khumba kwiThekwini Coastal, uthe uke waba ngumdlali eqenjini lakhe phambilini. Uthe ubeyikho konke futhi emethemba ngakho konke. Uthe obekukuhle ngoSkhumba wukuthi ubengasabi ukukhuluma into njengoba injalo, ubengancethezi. Uveze ukuthi uSkhumba ubesehlele ukuthi athathe izintambo kuyena (uMantayi) njengoba ubesengena emkhakheni wokuphatha abadlali, abatholele amadlelo aluhlaza. Phakathi kwabadlali abakhuliswe nguS’khumba kubalwa uLangelihle Mhlongo okwiRichards Bay FC, uNduduzo Phakathi oyindodana kaLucas Radebe oke wadlala kwiThanda Royal Zulu waze waya naphesheya kwezilwandle kwiManChester City ehanjiswa uSven-Goran Eriksson (74) waseSweden noMfundo “Mfana kaGogo” Thikazi ogijima kwiRoyal AM. USkhumba ushiye umkakhe, uLondi Miya, uMaNzama nabantwana abathathu.

Previous articleUmndeni ukhala ngezindleko ngenxa yokuduva kwesidumbu emakhazeni
Next articleKuphume isidumbu kugwazana abomndeni