Unogada ‘ugwaze wabulala iphoyisa’

522

Kubikwa ukuthi belilwa, lifuna ukungena mahhala emcimbini

USHONELE emtholampilo uConstable Nkazimulo Ngidi okuthiwa ugwazwe ngunogada wasendaweni yobumnandi oLundi.

NONHLAKANIPHO SHINGA
KUSOLAKALA ukuthi belidle amponjwana iphoyisa eligwazwe ngunogada endaweni yobumnandi oLundi, nokuthe uma seliphuthunyiswa emtholampilo, lafike lashonela khona. Ngokuthola kwaleli phephandaba, ezintathakusa izolo, ngeSonto, umufi uConstable Nkazimulo Ngidi, uzame ukungena ngenkani endaweni yobumnandi, iDa Chillers, kaMnu Nhlakanipho Zulu, lapho bekwenziwe khona umcimbi kodwa kungenwa ngemali. Kuthiwa uConstable Ngidi ufike esevele eqhuba imbuzi yakhe yedwa, kwazise ubengekho emsebenzini, ehamba nabangane bakhe, nokuthe uma onogada bengamvumeli ukuthi angene, wadonsa isibhamu enqulwini wadubula phansi amahlandla amabili.


“Umcimbi bewungenziwe ngabaseDa Chillers, bekunomuntu obenze umcimbi wakhe, esangweni kukhokhwa kungenwa ngamali. “Iphoyisa leli lifike lihamba nabangane balo kwaqala inkinga esangweni ngesikhathi lifuna ukungena ngenkani, lingafuni ukukhokha. “Yilapho kube sekuqubuka khona umdonsiswano phakathi kwakhe nonogada abebengafuni ukuthi angene nabangane bakhe ngoba bebengazimisele nhlobo ngokukhokha,” kusho umthombo waleli phephandaba obukhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Kuthiwa uConstable Ngidi ubengafuni ukukhokha, ethi umcimbi wenziwe ngumngane wakhe.

<Kuthiwa ngesikhathi ekhipha isibhamu esiqhumisa uphinde washaya omunye wonogada wesifazane ngezimpama, emlwisela ukuthi umvimbelelani. “Ngemuva kokuhilizisana kwabo, iphoyisa libe selikhipha isibhamu ladubula phansi amahlandla amabili, unogada naye wakhipha ummese waligwaza ngoba ezama ukuzivikela nokuvikela uzakwabo lona obeshaywa ngezimpama,” kusho umthombo. Unogada ube esezinikela emaphoyiseni izolo ekuseni kanti, ngokusho kwamaphoyisa, kazikho izinhlamvu zezibhamu ezitholakele endaweni yesigameko. Kuvela ukuthi isidumbu sikamufi sinamanxeba okugwazwa amathathu elisesilevini, elisemqaleni nelisezimbanjeni.


UMnu Zulu, ongumnikazi we-Da Chillers, uqinisekisile ukuthi unogada obandakanyekayo uzinikelile emaphoyiseni ngemuva kwesigameko. “Nami bengingekho ngoba bekungewona owethu umcimbi obewenziwe, kodwake ngizwile ngaso isigameko nokuthi iphoyisa lishone ngesikhathi lifika emtholampilo. “Ngiphinde ngabikelwa futhi ukuthi unogada lona obandakanyekayo usezinikelile emaphoyiseni,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Atlenda Mathe usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa uzovela enkantolo maduze. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleKusolwa umyalelo wesihlobo ebulala unina
Next articleKushe izingane zashona zikhanyise ikhandlela