‘Unondweba uvume eyokusirobha koweBucs’Umqeqeshi

574

koweBucs’Umqeqeshi we-Arrows uthi ukhulume naye hhayi ngodlameUTHUKUTHELEwathelwa

BACKPAGEPIXUMQEQESHI we-Arrows uVusumuzi Vilakazi

2023SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows uwuqondise kunondweba umunwe ezakhe zitalajwa kabuhlungu umdlalo ziwubambile.I-Arrows iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo-3-1 koweDStv Pre-miership ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.Amagoli eBucs avalelwe enethini nguMonnapule Saleng, uTerrence Dzvukamanja noVincent Pule, kwathi ele-Arrows lokubika ekhaya lashaywa nguVelemseni Ndwandwe. Lo mdlalo uthe uphela nje, kuke kwasuka esinamathambo uMabhudi Khenyeza, ongomunye wabasizi bomqeqeshi kwi-Arrows, ezwakalisa ilaka lakhe ngesinqumo esenziwe ngunondweba uThabo Mkhabela esiholele ekutheni i-Arrows iguqe.UKhenyeza ubekhala ngegoli lesibili leBucs, elingene sekuvalwe amehlo, njengoba ekholwa wukuthi umdlali wabo uNeverdie Makhubela udlaliswe kabi ngaphambi kokuba lingene.Leli goli lishiye abadlali be-Arrows bedidekile, kwabe sekungena elesithathu.UVusumuzi Vilakazi ololonga i-Arrows, uthi unondweba ubenzele phansi kulo mdlalo.

“Ngidumele futhi ngiyaqala ngqa, selokhu ngiqale ukuqeqesha, ukukhala ngesinqumo sikanondweba. “Wenze iphutha elicacile, uMakhubela udlaliswe kabi ngaphambi kokuba kuyongena leli goli, naye (unondweba) ngikhulumile naye emuva komdlalo, walivuma iphutha lakhe. Kubuhlungu lokhu.“Uma iPirates kufanele izibuyise emgqigqweni kakufanele kusetshenziswe thina, kabazisebenzele bona. “Besilana ukuzolwa hhayi ukuthi kuzodlalwa ngomsebenzi wethu.

“Sibuye ngesiwombe sesibili sesehluke kakhulu, yingakho sithole negoli lokulinganisa. “Nokho izinqumo ezinjengalezi kazamukelekile,” kusho uVilakazi.Ebuzwa ngengxoxo athi ube nayo nonondweba, uthe: “Ngiye kahle kuyena, hhayi ngodlame, ngafike ngambuza ukuthi ‘mnumzane kwenzekeni laphayana’. “Uvele wathi ‘ngiyaxolisa’. Okubuhlungu wukuthi uxolisa nje, thina sesilahlekelwe ngumdlalo.“Kanginandaba negoli lesithathu ngoba indlela okungene ngayo igoli lesibili yiyona eholele kuyona yonke le nto. “Ngeke ngithi yiPirates esibambe inkunzi ngoba kakusiyona edlalisa umdlalo, nayo isuke izodlala, onondweba kufanele benze ubulungiswa lapho kunesidingo khona.” senzos@ilanganews.co.za

Previous articleOwoKhozi ucasulwe ngabagxeka inkolo yakhe
Next articleKusolwa umnyango ngokutotoba ukuhlelela abezikhukhula izikole