LUCKY CAIN
UCHITHE amahlebezi asabalele mayelana nokuhlakazwa kwesigungu se-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomvula Nonkonyane (osesithombeni) oyiphini lokuqala likanobhala-jikelele waleli qembu, obeyingxenye yomhlangano walesi sigungu obuseCoastlands, eSouth Beach, eThekwini namuhla ngeSonto. Ngokusho Uthe lo mhlangano ubuyingxenye yokubuyekeza indlela leli qembu elenze ngayo okhethweni lukazwelonke obelumhla ka-29 kuNhlaba (May).
Sekuwulando ukuthi i-ANC kayenzanga kahle kulolu khetho kuzwelonke nasezifundazweni okubalwa kuzo KwaZulu-Natal, iGauteng neNorthern Cape. Kulezi zifundazwe ilahlekelwe ngamavoti njengoba eGauteng naseNorthern Cape ibusa ngokuhlanganyela namanye amaqembu kanti KwaZulu-Natal ilahlekelwe ngamandla njengoba iyingxenye yohulumeni wobumbano oholwa yi-IFP.
UNkk Nonkonyane uthe ukuba khona kwabo kulo mhlangano wukucubungula indlela abangayisebenzisa ukuvuka bazithathe emuva kokhetho. Uthe ngemuva kwemiphumela yokhetho, bavumelene beyisigungu esiphezulu ukuthi bazovakashela izifundazwe ngenhloso yokuvuselela i-ANC, babuyise nomfutho emagatsheni ayo.
Uzwakalise ukujabula ngokuthi amalungu ayakhombisa ukuzimisela nokuzinikela ekuqisekiseni ukuthi ziyabuya izinsuku zenjabulo eqenjini labo, futhi basondela kakhulu ebantwini. Uqhube ngokuthi ngamampunge ukuthi kunesigungu esizohlakazwa, wathi kabekho esimweni sokuhlakaza, kunalokho bayakha, bayavuselela ukuqinisa iqembu.