unozinti umincile ngemigomo ebekelwe abadlali bosuthu

927

SENZO SOKHELA

UNOZINTI woSuthu uSiyabonga Mbatha. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UHLELI lubhojozi umdlali wamaZulu FC ngemigomo ebekwe yile kilabhu njengoba kuvalelwe i-coronavirus

UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa umise ukusebenza ezweni lonke ngeledlule ukuze kubhekwane ngqo nalolu bhubhane. 

Wonke umuntu uyalelwe ukuba azivalele endlini. 

AmaZulu asempini yokuvika izembe abekele abadlali bawo umgomo oqinile kwabazobuya sebekhuluphele. 

Kuvela ukuthi le kilabhu ithe umdlali ozotholakala ekhuluphele i-kg lilinye nje lizokuba yinhlawula ka-R2000 ozobanjwa emholweni. 

USiyabonga “Nqaba” Mbatha ovimbela uSuthu uthi akazibekile phansi njengoba esenqume ukuzivulela eyakhe ijimu ekhaya. 

Uthi uyawazi owakhe umzimba ukuthi meke nje wahlala wangenza lutho uyakhuluphala yingakho ethathe lesi sinqumo.

“Angivalile ngoba ngiyazi ukuthi kunekilabhu okufanele siyihlenge ezembeni uma kubuya imidlalo. 

“Ngiyazi ukuthi nozakwethu bayakwenza lokhu engikwenzayo ngoba siyakwazi ukubaluleka kwalesi simo esibhekene naso. 

“Kithina akulona iholide ngoba akupheli emiqondweni yethu ukuthi kusafanele siyovika izembe uma kubuya imidlalo,” kusho uMbatha othi usephila ngesikali ngoba akafuni ukuzithola esenkingeni.

Ube esecela abantu ukuba balandele imiyalelo kahulumeni ngaleli gciwane. 

“Abantu mabalandele imiyalelo kahulumeni, isimo sibi ngoba leli gciwane seliyaqala lingena emalokishini. 

“Kufanele sihlale ezindlini ngoba uma lilokhu likhula lizogcina lingasalawuleki sigcine sesifana namazwe anjengo-Italy bese kuphoqeleka ukuthi kuphinde kunyuswe izinsuku zokuzivalela.

“Asiqikelele ngaso sonke isikhathi sizivikele ngoba seliqalile likhipha izidumbu manje kuleli,” kusho uMbatha.

Previous articleKuboshwe ovalele izisebenzi efemini
Next articleI-Maritzburg idinwa ngabazingela unozinti wayo ngasese