NONHLAKANIPHO SHINGA
USHAYA phansi ngonyawo ukungcwaba isidumbu sengane “yakhe” owesifazane waseNtuzuma, eThekwini, asinikwa yisibhedlela iKing Edward, emuva kokutshelwa ukuthi ingane ayibeletha ngomhla ka-7 kuNdasa (March), kayisekho emhlabeni.
UNkz Khumbuzi Bhede (39) (osesithombeni), usola ukuthi lesi sibhedlela kasimtsheli iqiniso ngokwenzeka enganeni ayibeletha ngalolu
suku njengoba ethi ngemuva kokubeletha, bamkhombisa ingane eyayibonakala iwumqemane, futhi inonophele.
Uthi ngemuva kwalokho, akabange esezwa lutho ngengane yakhe ngalolo suku.
“Kwaze kwafika odokotela ngomhla ka-8 ekuseni, bengibheka ukuthi nginjani.
“Ngabo-12 emini, kwafika ababili abasebenza kusona lesi sibhedlela, bangitshela ukuthi benze konke okusemandleni abo, ingane yami ishonile.
“Ngababuza ukuthi ngingakwazi yini ukuyibona ngaphambi kokuba bayiyise
emakhazeni, ukuze ngikhale ngizidelise,” kusho yena.
Uthi inkinga yaqala lapho, bamlindisa kwaphela amahora amabili engayiswa ukuyobona ingane. Emuva kwalokho, kwaba khona umhlengikazi omtshela ukuthi isidumbu sengane sesisemakhazeni.
“Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu, ngangisadidekile, ngithatha ngibeka ukuthi kwenzeka kanjani ngibelethe ingane, bangikhombise yona iphila bese ngakusasa emini bengitshela ukuthi bazame konke okusemandleni, yashona kodwa bengangitshelanga ngesikhathi ixineka.
“Ngacela ukuyoyibona emakhazeni, nakho okwathatha amahora angaphezulu kwamane, kuthiwa mangilinde ngoba
kasikho isihlalo esinamasondo, kwazise ngangibelethe ngomthungo,” kusho uNkz Bhede.
Uthi watshela umndeni wakhe ukuba wenze amalungiselelo nabamakhaza, bathathe isidumbu sengane.
“Sabhekane nenkinga enkulu sekuthathwa isidumbu sengane, bangikhombisa ingane ebonakala indala, futhi inenkaba ewile.
“Ngavuma ukuthi isidumbu sithathwe, ngacela ukuphuma esibhedlela, okuyilapho ngafika ekhaya saqala phansi, saya emakhazeni ukuyosibheka kahle lesi sidumbu,” kusho yena.
Isidumbu sengane abamnika sona esibhe-dlela mhla ka-8 kuNdasa, namanje sisaduve
emakhazeni kahulumeni ngemuva kokuba
evule icala lokunikwa ingane angayazi.
“Ngifuna kucace ukuthi ingane ngekabani. Uma kungeyami, kanginankinga nokuyingcwaba, kodwa kangizimisele ngokungcwaba ingane engingayazi, ebonakalayo ukuthi yayisinesikhathi
izaliwe,” kusho yena.
Uveze ukuthi usenze ulibofuzo kabili, nakhona kube nezingqinamba ezimenza agcine engayikholwa imiphumela, noma ithi ingane ngeyakhe.
“Inkampani yokuqala yathi izothatha amasonto amabili, kodwa imiphumela yaphuma ngakusasa. Thina sezwa sekuphele isikhathi eside, behleli nayo. Lapho sakhokha u-R2 800.
“Eyesibili siyikhokhele u-R4 800, kodwa yacela umseshi ukuthi kube nguyena ozothatha okuzohlolwa, okuthe sekubuya imiphumela, bathi kabazimisele ngokufakaza ngayo ngoba okuhloliwe kakuthathwanga yibo.
“Inkinga yami ilapho-ke, wukuthi yibo abathi makuthathwe ngumseshi lokhu okwakuzohlolwa, kodwa futhi bathi kabazimisele ngokufakaza enkantolo ngemiphumela,” kusho yena.
Uthi ufisa ukuba uMnyango wezeMpilo wenze uphenyo ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal,
uCons Thenjiswa Ngcobo, uqinisekisile ukuthi kuvulwe idokodo lophenyo esiteshini samaphoyisa aseMbilo.
Imizamo yokuthola uMnu Mduduzi Ncalane, okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa.
Kuze kwashaya isikhathi sekuloba engayiphendulile nemiyalezo athunyelelwe yona.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za