Unqunywe umlomo umqeqeshi weDowns

390

Iyaqina eyokubuya kukaTau kumaSandawana

UPERCY TAU we-Al Ahly obeyisikweletu ezitobheni zeSundowns koweCaf Champions League ngoMgqibelo ntambama.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
UNQUNYWE umlomo uRulani Mokwena ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngomdlali wakuleli ogijima kwi-Al Ahly oyanyaniswa nokukhuza ibuya kumaSandawana. IDowns iguqise ngo-5-2 i-Al Ahly emlenzeni wesibili kaGroup B weCaf Champions League ngoMgqibelo ntambama eLoftus Stadium, ePitoli. Amagoli eDowns abhajiswe enethini nguMarcelo Allende, uThemba Zwane, uTebogo Mokoena namabili kaPeter Shalulile. Awe-Al Ahly ashaywe nguMohamed Sherif noPercy Tau. UMokwena uke wabonakala kulo mdlalo izikhawu zaze zimbili ehlebela uTau okuthile.


Lokhu kuqubule imibuzo njengoba lo mdlali kuvela ukuthi angase akhuze ibuya kwiDowns ayishiye kumasizini ambalwa edlule. UMokwena uveze ukuthi unqunywe umlomo ngodaba lwalo mdlali. “Ngishilo ngaphambi komdlalo, ngizosho namanje, ngeke ngisho lutho ngoTau, nginqunywe umlomo ngoba akasiye umdlali wethu. “Ungumuntu ohloniphayo, yilokho engingakusho ngaye. “UPercy uyazi ukuthi ngicabangani ngaye. “Emuva komdlalo ngimhlebele okuthile kwazise ubengilinde emhhumeni. Ungabona ukuthi ungumuntu onjani, uma engena kwami ukhumula ikepisi. “Lapha ngikhuluma ngomdlali weBafana Bafana, umdlali ogijime kwiChampions League.


“Uma ungumdlali oseqophelweni eliphezulu uba nalezi zimpawu zenhlonipho. “Kodwa-ke kangifuni ukukhuluma kakhulu ngaye ngoba lapha ekilabhini sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu,” esho. Uzishaya isifuba ngendlela iqembu lakhe elehlule ngayo i-Al Ahly. “Ngithanda ukubongela umndeni weSundowns ngalo mphumela nabadlali bayo ngabakwenzile. “Sibe nomdlalo oseqophelweni eliphezulu yize sivuzise amagoli amabili. “Kodwa-ke amagoli esiwahlohlile asinika ithemba lokuthi sizodlulela emzuliswaneni olandelayo,” esho IDowns kuzokuthi kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 ibhekane neRoyal AM koweDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli. Komunye umdlalo okusasa iCape Town City izodudulana neMarumo Gallants 19h30 eCape Town Stadium.

Previous article“Sabekelwa u-R200 000 ukusoconga imeya”
Next articleBACELA UKUFUNISWA INDODANA ENYAMALELE