Uthi bazobonga ukuphila emuva kokhuvethe nezikhukhula
THANDI ZONDI
BAZOBHEMA bakholwe abathandi bomculo we-gospel njengoba uNtokozo Mbambo ezobabusisa ngendumiso ekhonsathini yakhe ezoba kuyona le nyanga. Lo mculi ugcine ukukhipha i-album ngo-2015, kwathi ngo-2019, wakhipha eyamaculo kaKhisimusi. “Le engizobe ngiyethula ekhonsathini kuzobe kungeyokuqala njengoba siphuma esikhathini esinzima sokhuvethe nezikhukhula. “Sizobonga amandla nobukhona bukaJehova esigcinile kwaze kwaba yilesi sikhathi. Sibona kwehla amandla omnotho, kunokwesaba, abantu baphelelwa wubuntu.
“Lesi yisikhathi sawo wonke umuntu ozibiza ngekholwa ukusukuma abe wukukhanya, aveze ubuhle bukaSomandla,” esho. Uthi abantu abazobe beyingxenye yekhonsathi bazohamba besuthi iZwi nomculo omnandi wendumiso njengoba ezobe ehamba nomfundisi ophinde abe ngumculi waseNigeria, uPastor Nathaniel Bassey, owaziwa kakhulu ngengoma ethi There is a Place, Adonai nethi See What the Lord has Done. Le khonsathi izohamba amadolobha amabili amakhulu, okuyiTheku neGoli. Ngomhla ka 24 kuNdasa (March) izoba seDCC eJesus Dome, eThekwini ngosuku olulandelayo ibe seRhemba Bible Church, eGoli.