SENZO SOKHELA
UVUMA eyokushisa kwesihlalo asanda kusiqhoqhobala uMolefi Ntseki ongumqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, ongene endaweni ka-Arthur Zwane owehliselwe kwesokuba ngumsizi wakhe. Abalandeli bale kilabhu bashaya amakhala ngoNtseki njengoba bekhala ngokuthi akanawo amagalelo okuqeqesha ikilabhu enkulu njengeziMpofana. Bakhala nangokuthi uNtseki ubekhona uZwane eshaya udaka kwiChiefs njengoba ubengusomaqhinga kule kilabhu. UNtseki ekhuluma nabezindaba kwethulwa ngokusemthethweni iDStv Premiership kuleli sonto eGoli, uvumile ukuthi siyashisa isigqiki sokulolonga iChiefs. “Lesi sihlalo siyashisa ngoba le kilabhu ngamaKhosi for Life. “Ngaphandle kwalokho, abalandeli bafuna lukhulu kithina sonke, nabaphathi ngokunjalo.
“Kubhekwe lukhulu kubadlali nakithina njengethimba labaqeqeshi. “Bonke abantu babhekile ngoba kule minyaka edlule ikilabhu kayikaze izuze lutho. Manje kufanele sijike izinto kwazise sibatholile abadlali ebesibafuna. Sicacelwe yingcindezi ezayo nabadlali ngokunjalo bayakuqonda ukuthi kufunekani kubona uma ugqoke leli jezi elimnyama nokusagolide,” esho. Ebuzwa ukuthi ubona kuyisikhathi esifanele yini lesi ukuqhoqhobala lesi sikhundla kwazise ubevele esebenza neqembu elikhulu amasizini amabili wonke edlule, uthe: “Ukuqokwa kwami njengomqeqeshi emuva kokuba sengihlalile ekilabhini kufike ngesikhathi esifanele. Isizathu salokho wukuthi laba bantu ebengisebenza nabo kula masizini edlule, yibona futhi engisazosebenza nabo, kakukhathalekile ukuthi ngusihlalo wekilabhu, ngamalungu ebhodi nabanye.
“Ngesizini edlule sikuzame konke ukuze le kilabhu izuze okuthile, kodwa kwangenzeka. Kodwa lena yisizini entsha, iza nesiqalo esisha nezimfuno ezintsha.” Ebuzwa ukuthi ngabe sebeqedile yini emakethe, uthe: “Uma uyikilabhu enkulu njengeChiefs kawuwuvali umnyango womuzi. “Uma kukhona okubonayo, kufanele ukufake ngaphakathi. Abadlali bayangena baphume, ikakhulukazi uma imiphumela ingakuvumi. “Kule minyaka ewu-25 ngingumqeqeshi, kuningi engikufundile kodwa kuthathu okumqoka kukhona. Okokuqala; abadlali abaseqophelweni eliphezulu ngesinye isikhathi behlelwa yifomu, ngakho-ke kufanele ube nabazovala izikhala zabo.
“Umdlali oseqophelweni eliphezulu uyalimala, kufanele nalapho ube nomuntu ozovala isikhala sakhe. “Okokugcina, abadlali abaseqophelweni eliphezulu nabo bayasidonsa isigwebo samakhadi nalapho kufanele ube nabazovala izikhala zabo. “Okumqoka ngale sizini wukuthi sibe nesikwata esibhalansile. Uma kukhona umuntu esibona ukuthi uzobhalansisa isikwata sethu sizokwenza okufanele,” esho.