MFANAFUTHI NDLOVU noLUCKY CAIN
UNXUSA abamaqembu ezepolitiki ukuba bangagxambukeli kwezemidlalo usomabhizinisi, uShauwn “MaMkhize” Mkhize (osesithombeni), ongumengameli weRoyal AM egijima kwiDStv Premiership, okusuke umsindo ixhaswa wuMasipala waseMsunduzi ngo-R27 million iminyaka emithathu. Ekhuluma okokuqala ngalolu daba UMaMkhize, uthe osopolitiki mabagxile ezintweni ezakhayo nezifukula ezemidlalo ezweni lonke.
“Sisanda kujabulela AmaBhokobhoko enze into encomekayo phesheya kwezilwandle, equkula iNdebe yoMhlaba ye-IRB. Lokho kukodwa kuyakhombisa ukuthi ezemidlalo ziyakwazi ukubuyisa ubumbano emphakathini ngoba bonke abantu bebejabule ngokwenziwe ngamaBhokobhoko. Ngiyakuqonda ukuthi ukukhuluma kusuke kunenhlese yokuthi ngizalwa emndenini oxhumene neqembu elibusayo kuleli (i-ANC). Ngicela (abantu) basuse mina kukhona konke, babheke okuhle esikuphonsa esivivaneni somuntu ompisholo,” kusho uMaMkhize ozalwa nguNkk Florence Mkhize (ongasekho), owayeyisishoshovu se-ANC.
Kusuke umsindo ngesikhathi uMasipala uMsunduzi umemezela ukuthi usuphasise ukuxhasa i-AM ngo-R9m njalo ngonyaka, iminyaka emithathu, ngenhloso yokuthi ifudukele eMgungundlovu ukuze imidlalo yayo yasekhaya idlalelwe enkundleni yalo masipala, iHarry Gwala Stadium. Phambilini ibisebenzisa iChatsworth Stadium, eThekwini, njengenkundla yayo yasekhaya.
I-DA – eyiqembu eliphikisayo kulo masipala – ishaye amakhala ngalesi sivumelwano, isola lo masipala ngokugxila ezintweni eziseceleni ekubeni ziziningi izinkinga ezibhekene nawo. I-DA ithi i-AM kayikudingi ukuxhaswa ngale mali ngoba iphethwe ngumacaphunakusale, okwaziyo ukuziphathela ikilabhu yakhe.
Ithi lo masipala kawuyilandelanga imigudu efanele ukukhipha lolu xhaso. Yize kunjalo, lo masipala uzivikela ngokuthi ukusondeza ikilabhu edlala esigabeni esikhulu kuleli dolobha, kuzolisiza ngezinto eziningi, okubalwa kuzo ukuthuthukisa umnotho nokuheha izivakashi. Phambilini imeya yalo masipala, uMnu Mzimkhulu Thebolla, yaveza ukuthi ukuyodlala kwe-AM kuleli dolobha kuzothuthukisa umnotho, kuphinde kwakhe namathuba emisebenzi.
Yatshela leli phephandaba ukuthi abalandeli be-AM nabamanye amakilabhu bazovakashela kuleli dolobha njalo uma idlala, okusho ukuthi bazothenga baqashe nezindawo zokulala kulona. Phambilini lo masipala ubunesivumelwano esicishe sifane neMaritzburg United, ephethwe nguFarook Kadodia. Lesi sivumelwano sihoxisiwe emula kokudliwa yizembe kweMaritzburg kwiDStv Premiership.