Unxuse abalandeli ukuba baqhele ezindabeni zabaculi

776

MTHOBISI SITHOLE

UNXUSE abalandeli bomculo ukuba baqhele ezindabeni zabaculi, baseke umculo wabo kuphela umculi we-hip hop, uBig Zulu, emuva kokuba ehlanganise umculi kamasikandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose noLawulani “Quality” Biyela (abasesithombeni) abangabonanga ngaso linye ngempelasonto emcimbini kamasikandi obuseMnambithi ngoMgqibelo, kubangwa igama leLembe. Lokhu kungaboni ngasolinye kuholele ekutheni uKhuzani abeke isandla uQuality. UBig Zulu uthe njengoba uKhuzani noQuality sebebuyisene, abalandeli basele bodwa nezinhlamba zabo abebezibhekise kulaba (uKhuzani noQuality). Uthe ukuhlanganisa kwakhe lezi zinsizwa, kungenxa yokuthi uphila nazo futhi kube yiphutha okwenzekile. Uveze ukuthi iphutha yiphutha ngokulungiswa.
“Bebengazondani. Kabakaze babeyizitha. Ngiyabazi bephilelana, yingakho kube lula ukubahlanganisa ngoba ekuxabaneni kwabo bekuphambane imibono nje kuphela kwase kuholela esigamekweni. Ukuhluthuka kwenhliziyo kuyenzeka, yingakho ngithe mangenze ubudoda ngingene phakathi kwabo, sakhe uxolo. Ngibafonelile ngathola ukuthi imimoya yabo iyazwana, kwaba khona nokuzisola nakubona ngale nto eyenzekile nhlangothi zombili, ngase ngibabiza sahlala phansi,” kusho uBig Zulu.
Utshele leli phephandaba ukuthi igama likaKhuzani likhulu, ngakho-ke bekubalulekile ukuba azehlise. Uthe bobabili – uKhuzani noQuality -bawabonile amaphutha abo, bathelelana amanzi.
“Ngiyazi ukuthi abanye bebejabule ngale ngxabano. Laba bantu bangabantu babantu babobili, ukungazwani kwabo kuyabaphazamisa emsebenzini abawenzayo. Okubalulekile wukuthi abaculi bazwane, kayifuneki le nto yokungena kwabalandeli ezimpini zabaculi nasezimpilweni zabo zangasese,” esho.
Impi kaKhuzani noQuality isuke ngenxa yokuthi yokuthi bobabili bazibiza ngeLembe.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleSengisaba nokuthi uzobizwa ngoFloyd VBSweather!
Next articleUHlabisa ubhonge emswaneni ngokudlula kukaStekeni nomfowabo