PHUMLANI GAMA
IGIXABEZWE ngodedangendlale womhlaba wokwakha ikomkhulu lebandla layo eSwazini iNkosi yamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe evale umkhosi wamasonto amabili ngoMgqibelo kuleliya lizwe. UNyazi lubonge ukwamukelwa ngezandla ezimhlophe nemfudumalo yizakhamizi zaseSwazini.
Lwethula inkulumo yalo uNyazi, luthe lunethemba lokuthi abantu basazoqhubeka nokuzihlanganisa naleli bandla ngenxa yezibusiso ezilokhu zitholwa ngamalungu alo. Luthe ngaphezu kwakho konke olungakukhuluma namalungu aleli bandla nezihambeli, kakukho okwedlula ukubonga kubona bonke abantu bakuleliya lizwe ngokulwamukela uma lufika ezindaweni zabo ngenhloso yokuhambisa ivangeli.
“Ngiyabonga kubona bonke abantu bakuleli lizwe ngothando abasinika lona. Kuzona zonke izindawo basinika imfudumalo, basamukela kahle, kalukho ubandlululo. Ukwamukelwa kwethu kuleli zwe kukhonjiswa ngisho nangabaholi abavela kwamanye amabandla ezenkolo khona lapha eSwazini. Ngiyathobeka nangokwamukelwa yindlunkulu yakulesi sizwe,” kusho uNyazi.
UNyazi luqale ngonyaka odlule ukuhambela eSwazini kanti ibe nkulu indaba yokunyathela kwalo kuleliya lizwe. Inyakazise ngisho abaholi bamanye amabandla.
Uhulumeni wakuleliya lizwe oholwa yiNkosi uMswati III, ugixabeze lo mholi nebandla lakhe ngodedangendlale wendawo yokwakha ikomkhulu lebandla eSwazini. Isiphothuliwe ingxenye yezakhiwo okubalwa kuzona nendlu yomholi waleli bandla eyakhiwe kuyona le ndawo.
phumlani@ilanganews.co.za