PHUMLANI GAMA
IZWAKALISE ukukhathazeka ngesimo sentsha iNkosi yamaNazaretha – ohlangothini lwaseBuhleni – uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ngesikhathi ikhuluma enkonzweni yeSabatha ngoMgqibelo, eSwazini, lapho iyokwenza khona umkhuleko wamasonto amabili.
Lo mkhuleko ubuhanjelwe ngabaholi abaphezulu eSwazini, abeholwa yiNkosi uMswati III, iSilo uMisuzulu kaZwelithini noDkt Michael Odunayo Ajayi Arowotawaya II waseNigeria.
Lukhuthaze izethameli ukuba ziqinisekise ukuthi kakushabalali ukunhlonishwa kwamakhosi ezizwe, ngoba amiswe nguNkulunkulu.
“Ngithanda ukugxila kakhulu entsheni. Nginokukhathazeka ngokuthi uma sihamba, leli zwe liyosala ezandleni ezinjani. Intsha kufanele iqinisekise ukuthi konke esiyifundisa khona kakuweli phansi ukuze nayo izokwazi ukukwedlulisela ezizukulwaneni ezilandelayo. Namuhla ngilapha ukuzokhulekela izingqinamba ezibhekene nezwe. Ngifikile lapha ngonyaka odlule, kodwa selokhu ngifikile, kuningi okwenzekile empilweni yabantu. Ubufakazi balokho bubonakale ngabantu abafike lapha bezobonga. UShembe akanawo amafemu, kodwa wena uzofika kuyena uzocela isibusiso, akunike,” kusho uNyazi.
Lubonge ukunyathela kweNgonyama yeSizwe samaZulu, lwathi belungakulindele.