UNyazi nenselelo eNgonyameni

627

Luthi makubizwe imbizo yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane

JOHN HLONGWA
Inkosi uMDUDUZI “Nyazilwezulu” Shembe engumholi webandla lakwaShembe, ohlangothini lwaseBuhleni iphonsele iSilo uMisuzulu inselelo yokuba sibize imbizo yamadoda azoyalwa ukuze kunciphe izehlakalo zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane. Unyazi lukusho lokhu ngenkathi lushumayela enkonzweni ebingempelasonto esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma, ephele izolo ngeSonto. Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani, uthe basizwile isiphakamiso soNyazi, bazoyihlela imbizo futhi bafisa nalo lube yingxenye yayo.


ISilo asikwazanga ukuba yingxenye yokuvalwa kwale nkonzo njengoba kuvele ukuthi sithinteke kakhulu emoyeni ngokudutshulwa kubulawe uMntwana uMbongiseni. Ngokusho koMntwana uThulani, kwakhona ukuthi sibe khona enkonzweni yangoMgqibelo yingoba besesihlonipha uNyazi, ngokwesintu, bekungasamele ngabe sibe yingxenye yayo. Umfundisi Abraham Hlatshwayo, waseBuhleni, uchaze ukusungulwa kwale nkonzo ethi yaqala ngemuva kokuvinjwa kukaMdlokombana, ethi uyobona UThingolwenkosazane olwaludunguzela. Udlulise amazwi enduduzo eNdlunkulu ngokubulawa koMntwana uMbongiseni. hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleUTshatha nesikhundla sokudidiyela amabutho
Next articleAMAJEZI EBHOLA ABAWINILE