UPERCY TAU UCELA UXOLO NGOKUHLINZELA IBAFANA EZIBINI

395
USIYANDA Xulu (kwesobunxele) noPercy Tau beBafana Bafana behlanganyela uMohammed Kamara kowokuhlungela
i-Afcon ngoLwesihlanu

SENZO SOKHELA
UXOLISILE waphinda wenza isethembiso uPercy Tau ongumgadli weqembu lesizwe likanobhutshuzwayo iBafana Bafana osolwe ngokushweba oqekelele bamathuba, okwenzele phansi elakuleli emdlalweni obucayi. IBafana izobhekana neLiberia emlenzeni wesibili emdlalweni kaGroup K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) kusasa ngoLwesibili ngo-18h00 eMonrovia. La mazwe aya kulo mdlalo nje, abambane ngo-22 emlenzeni wokuqala obungoLwesihlanu e-Orlando Stadium, eSoweto. Kuyiwe ekhefini iBafana ihamba phambili ngo-2-0.


UTau ugxekwe nxa zonke ezinkundleni zokuxhumana njengoba eshwebe inqwaba yoqekelele bamathuba abengenza iBafana inqobe ngembudlu yamagoli. UTau uxolisile ngokwenzeke kulo mdlalo, wabe esenza isethembiso kulo wakusasa. “Ngiwubhekisa kimina umunwe ngokwenzeke emlenzeni wokuqala ngenxa yamathuba engiwashwebile. “Kuzofanele ngikuqinisekise ukuthi ngenza kangcono kulo mdlalo olandelayo. “Ngibakweleta lukhulu abantu baseNingizimu Afrika. “Ngiyaxolisa,” kusho uTau. IBafana kumele iwunqobe kumnyama kubomvu lo mdlalo ukuzibeka ethubeni lokungena kwi-Afcon ezokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast.


Uma yehluliwe izokube seyiyogcina icala kowokusonga lesi sigaba ezowudlala neMorocco, yona esizibekiselile indawo kulo mqhudelwano. Phela ozonqoba umdlalo wakusasa nguyena ozojoyina iMorocco ngoba uzokube eqoqe amaphuzu amane ngesikhathi kubhekenwe (phakathi kweBafana neLiberia). Lokhu kwenza umdlalo wakusasa ufane

Previous articleKufezeke isifiso sokuba ngubaba kuMoshe Ndiki
Next articleKumiswe umcimbi wokwethulwa koxhaso luka-R99 million womoba