Uphefumula ngokumdalele isigcwagcwa emcimbini

373

UNelisiwe uthi kubahleli akekho owamchazela ngokufanele akugweme

LUCKY CAIN

UPHUMELA obala usaziwayo “oshiphe kudliwa” emcimbini wokuqokwa kukazime kaMiss King Cetshwayo obungoLwesihlanu esikhungweni semfundo ephakeme Ongoye, eMpangeni. UNelisiwe Sibiya ongumlingisi wemidlalo kamabonakude futhi ongumculi, uchaze ngesigameko esimenze waba sematheni ngeledlule, lapho kuvela khona ukuthi waba nyamanambana kwamanye amalungu omphakathi ayekhona kulo mcimbi. Kubikwa ukuthi le ntokazi edabuka khona eMpangeni, yazifaka isigcwagcwa ngemuva kokucula ingoma eqhakambisa owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi kuleli uMnu Nelson Mandela, wabe eseyivala le ngoma ngokuthi, “ibambeni maqabane”. Kuthiwa lokhu kakwehlanga kahle kwabaningi njengoba uMasipala iKing Cetshwayo uholwa i-IFP, kanti igama elithi maqabane limataniswa neqembu elibusayo kuleli i-ANC.


Echaza lo mlingisi oseyingxenye yomdlalo uMkhokha okhonjiswa phakathi nezinsuku kwiMzansi Magic, uthe wazithola edidekile ngezinkulumo ezaqhamuka ngemuva kwalesi sigameko. “Okokuqala engifuna ukukucacisa, ngokwami ngangingazi ukuthi leli gama limataniswa nepolitiki. Angikaze ngibe kwipolitiki futhi angizihlanganisi nayo njengoba ngisemkhakheni wezokungcebeleka,” kusho yena. Uthi nengoma ayeyicula eqhakambisa uMandela, yingoba lo mcimbi ubuhlelwe ngenyanga yokugubha usuku lokuzalwa kuka-Mandela kanti ivamise ukuculwa ngamatshitshi uma eya eMkhosini woMhlanga, eNyokeni. “Empeleni ngesikhathi ngiphuma esiteji ngalolu suku angibonanga lutho oluphambene engalwenza njengoba ngaze ngatshelwa ngomunye owayengemuva ukuthi sengiphoxile ngokusebenzisa igama elingasetshenziswa kulo masipala.


Ngamane ngadideka ngoba ngangingaqondi ukuthi kungani lingasetshenziswa,” kusho yena. Uthi uqaphele isimanga ngalesi senzo sakhe, igama lakhe seliphithizela ezinkundleni zokuxhumana, nokuyilapho ethi wenze imizamo yokuxhumana nabahleli bomcimbi, wabachazela njengoba ekuveza ukuthi wayengatshelwanga ukuthi kunamagama okumele awagweme. UNelisiwe uthi wahlangabezana nezingqinamba eziningi ngaphambi kokuthi afike kulo mcimbi njengoba akuthola kunzima ukuxhumana nabahleli bomcimbi kanti nomcimbi okwakumele uqale ngehora lesithupha, wagcina usukuqala sekushaye elesishiyagalolunye. “Empeleni kuningi nje umuntu okwakumdida ingqondo njengoba kwakumele ngibuyele eThekwini ngemuva kwalo mcimbi kwazise nganginomcimbi wezindondo engangiqokwe kuwona (Simon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awrads). “Kwakumele ngiqale ukuphatha uhlelo kusanesikhathi ukuze ngikwazi ukubuyela eThekwini njengoba ngagcina sengingena sekudlule isikhathi,”esho.

Uthi isizathu esadala angabuyeli esiteji ngemuva kwalesi sigameko yingoba kwase kumele abuyele eThekwini ngoba sabe sesishaye sadlula isikhathi sakhe kwazise umcimbi wawuqale sesidlulile. Uthe njengoba esemkhakheni wezikaqedisizungu akazihlanganisi nepolitiki njengoba enandisa kunoma yimuphi umcimbi, akakhethi. “Okubuhlungu ngaphambi kwalo mcimbi akekho owangicathulisa ngezinto okumele nokungamele ngizenze,” esho. Uthe uzizwa kabuhlungu ngokuthi kukhona abanyathela amakhona ngalokhu njengoba kwakungeyona inhloso yakhe. Uveze ukuthi usazimisele ngokuqhubeka nokusebenzisana noMasipala iKing Cetshwayo kunoma yiziphi izinhlelo onazo njengoba kuwumasipala wangakubo. Lo mlingisi uphethe ngokuxolisa eqenjini i-IFP ngaleli phutha. Ukubeke kwacaca ukuthi kwaba yiphutha njengoba engenalo ulwazi olugcwele ngezepolitiki.

Previous article‘Omkhaya’ bathwale kanzima besungula iqembu lombhaqanga
Next articleUBESAXILONGWA ESIBHEDLELA UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE