Uphenduke ihlaya enkantolo “umama webhantshi”

1314

NOMFUNDO NGWANE

USOLE umphenyi wecala ngokudla imali yakhe uNkk Nonhlanhla Mbhele ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesihlanu. 
ISITHOMBE: NGOSiZO LOMNDENI

UPHENDUKE ihlaya eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesihlanu uNkk Nonhlanhla Mbhele, uMaXolo, ongumama webhantshi ebandleni lase-Afrika, ngesikhathi ephakamisa isandla esebhokisini lofakazi etshela iMantshi uNkk G N Cele, ukuthi ufuna ukumangalela umphenyi wecala lakhe ngoba emsola ngokudla imali yakhe. Imantshi isikhahlele ngazo zombili isicelo sakhe. 

UNkk Mbhele ubhekene noxhaxha lwamacala okuthenga izinkabi ezahlukene esebenzisana noMnu Mthofi Msipha obengekho enkantolo ngenxa yokuthi ubuyiselwe esibhedlela ngenxa yokuba buthaka bempilo ukuthi zibulale abantu abasondelene naye. 

Phakathi kwalaba bantu kukhona uNkz Zandile Xolo ongudadewabo, owadutshulwa wabulawa ngoNtulikazi (July) nyakenye, umlamu wakhe uMnu Thulani Cele nendodana yomngani wakhe enguMnu Thamsanqa Mthembu. 

Kuthiwa uNkk Mbhele wayekwenza lokhu ngoba efuna yomshwalense wokufa ayekhave ngawo izisulu. Uziphendula inhlekisa nje, ubesola umphenyi wecala ngokuthi udla imali yakhe ayihola njalo ngenyanga ngokufa komyeni wakhe. 

Utshele imantshi ukuthi imali abeyithola njalo ngenyanga ngokushona komyeni wakhe, akasayitholi, idliwa ngumphenyi wecala.

Umyeni kaNkk Mbhele wadutshulwa wabulawa ngendlela engaqondakali, okumanje amalungu omndeni wakwaMbhele asanemibuzo ngokufa kwakhe. 

UNkk Mbhele washaqwa ngamaphoyisa ekuqaleni kukaNcwaba (August). Kwavela ukuthi wayesehlela noMnu Msipha ukuba kubulawe ezinye izelamani asondelene nazo. 

Ithumbu labhotshozwa “yinkabi” eyayizomenzela lo msebenzi ngoba ikhala ngokuthi isikhathele wukuba yisigqila sikaNkk Mbhele oyenzisa umsebenzi onzima kodwa ajike angayikhokheli kahle. 

Kuthiwa isivumelwano sabo sasithi uma ibulele umuntu uzoyikhokhela u-R25 000. Yena wayethola u-R100 000 womshwalense ngomuntu ngamunye ayemkhavile. 

Previous article“Ubulele umyeni” kubangwa impesheni
Next articleIzinkinga ekhempini yeChiefs koweCaf