Uphenduke “isilomo” enkantolo obhekene nelokubulawa kwephoyisa

1157

PHUMLANI GAMA
noTHANDOLUHLE NGUBO

IVELE eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ifakwe amasongo kasiGonyela ‘inkabi’ esolwa ngokuba ngungqondongqondo ecaleni lokubulawa kukaCapt Thomas Ntombela owayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku. UCapt Ntombela wabulawa ngoNhlaba (May) emzini wakhe kwaS, eMlazi, eThekwini. 

    Uphenduke ‘isilomo’ uKhulekazi Cele waKwaMaphumulo ngenkathi abebesenkantolo bemkhulekeka sakumbhuqa, bemusho ngezithakazelo zakhe.

UKhulekani kuvele ukuthi udonsa isigwebo sikadilikajele eKokstad, emuva kokulahlwa yicala lokubulala ikhansela 

le-ANC. 

Ubevele okokuqala enkantolo mayelana necala lokubulawa kukaCapt Ntombela. 

UKhulekani uvele kule nkantolo emuva kokugagulwa kwegama lakhe nguMandlenkosi Ntombela, owatshela inkantolo ukuthi nguyena owabulala umufi, wayeqashwe nguye (uKhulekani), engapha-kathi ejele. 

Wabuye watshela inkantolo ukuthi 

umyalelo wokubulala babewuthathe enkosikazini kamufi, uNkk Faith Ntombela, uMaNkosi, naye oseboshiwe ngalo leli cala. 

Imantshi itshele umsolwa ukuthi uboshelwe icala lokwakha itulo lokubulala, maqede wanikwa ithuba lokuzikhethela ummeli kahulumeni, aziqashele owakhe noma azikhulumele.

 Uthe ngeke akwazi ukuzikhulumela, ucela usizo lommeli kahulumeni. Uyalelwe ukuba abuyele ejele kuze kube umhla ka-9 ku-Mfumfu (October) kophezulu, lapho kulindeleke ukuba abuyele kuyo le nkantolo. 

Previous articleIndodana kaShenge yazise iSilo ngezifiso zikayise
Next article“Ubaba ubazi iSilo esisodwa” kusho abakwaButhelezi