Uphenduke isilomo ngamahlaya abhinqayo

341

Uboshelwe kwiLovers Comedy Night ezokuba seThekwini

THANDI ZONDI

USOMAHLAYA usephenduke isilomo ezinkundleni zokuxhumana ngamahlaya akhe abhuqayo. USimthande Myeza (26) owaziwa ngelikaMakathangithini, uthi wayengakaze azicabange engusomahlaya kepha wayezithandela ukuba semsakazweni.“Yingakho ngaze ngayofundela ubuntatheli ngoba nginethemba lokuthi lo mkhakha uzongisondeza emsakazweni. Ngenhlanhla kwathi uma ngiqeda ukufunda ngathola ithuba lokusebenza kwiKhwezi FM,” kuchaza uMakathangithini oneziqu zeJournalism azethweswa eDurban University of Technology (DUT).

Uthi uqale ukugxila ndlini ubelokhu enza ama-video awafake emakhasini akhe ezokuxhumana.“Ngikhumbula ukuthi i-video yami yokuqala kwaba ngeyalo mfana owayefunda e-UKZN owaba yihlaya ngenxa yokuthi wayengenakho okokugqoka. Kanti ngalokho abantu bazomdabukela, wenzelwa amaphathi, wathola nomsebenzi. Kwaba nemibono eyahlukene, abanye sebethi kumele bakhale nabo esiteji ukuze bathole umsebenzi.“Ngabe sengibona ithuba lokuthi ngibe ngumama onomona, ozobhuqa noma abhinqe. Abanye kabazange bayi qonde kahle le video ngoba iwuhlobo lwamahlaya angejwayelekile. Nokho kuthe uma ngiqhubeka abantu bagcina sebewathokozela,” esho.stand up okokuqala ngqa, kanti futhi usohlelweni Uphenduke isilomo ngamahlaya abhinqayo Uboshelwe kwiLovers Comedy Night ezokuba seThekwini melela ukwenza okufanele ngesikhathi esifanele.

Indlela abantu abamjabulela ngayo iyamthobisa.“Abahlangana nami bangibiza ngoMakathangithini, konke lokho kuyangithokozisa. Bengiyaye ngizitshele ukuthi ngaziwa yintsha kuphela kodwa ngisho nasebekhulile bangijabulela baze bangiqukule,” esho. Lo somahlaya uzobe esemcimbini iLovers Comedy Night ezobe iqukethe izinkakha zosomahlaya okubalwa kuzo uNonto R, uFelix Hlophe, uJustice Kubheka, Amawele aseChesterville, uGqonqa, uMmangaliso Mhlongo, uBhabha nabanye abaningi. Lo mcimbi uzokuba seBlue Waters Hotel eThekwini ngoMgqibelo womhla ka-25 wale nyanga. ukugxila emahlayeni ngesikhathi ethola ithuba lokusondelana no-somahlaya. Ngesikhathi somvalela Echaza ngaleli gama, uthi ulisusele ekutheni vele omama basemakhaya badume ngokuthanda ukubhuqa ekubeni naye ulingisa bona.“Sikhule omama benokubhuqa kakhulu, ngisho izinga-ne wawuthola ukuthi ziqanjwa kuleso simo. Ngathanda ukulingisa uMakathangithini ngoba ngithanda ihaba lomama basemakhaya nxashana bekhuluma,” esho.UMakathangithini uthi uyakujabulela ukukhula kulo mkhakha njengoba eseze washiya nomsebenzi wasemsakazweni. Uthi ngonyaka odlule ube ne-sup comedy lukamabonakude olusihloko sithi, Omama Bomkhuleko olutshengiswa kwi 1KZNTV. Uthi indlela abantu

Previous articleBathwele kanzima eMshiyeni ngenxa yokuswela amanzi
Next articleImfihlo behlanganisa iminyaka ewu-40 emshadweni