Uphenduke umkhosi womhlanga “umemulo” wentombi nto (70)

1781

UNkz Ngipheni Ngcobo uthi uyaziphilela akadli maphilisi, akaphathwa nangamadolo 

UNKZ Ngipheni Ngcobo (70) ofake umhlwehlwe, wemuliswe emiswe yizintombi nto, ebeziqhamuka ezindaweni ezahlukene.
isithombe ngu: John Hlongwa

THANDEKA NGOBESE

UBONGA uNkulunkulu ngokuphendula imithandazo yakhe owesifazane wa-KwaMafunza, eMgungundlovu, othi wacela ukuziphatha kahle, nempela waze waguga eyintombi nto, njengoba izolo ngeSonto ebemele ingane kadadewabo engasekho emhlabeni emci-mbini womemulo ngenxa yokuthi usemsulwa. 

Izintombi namabutho abebeqhamuka ezindaweni ezahlukene, bekungathi yiseMkhosini woMhlanga kulo memulo kaNkz Ngipheni Ngcobo (70) obemele uNothando Ngcobo okuthiwa washona esanda kuzalwa ngo-1968. 

Ekhuluma neLANGA uNkz Ngcobo, uthi bamthusile abantu sebefika ngamabhasi emcimbini wakhe beqhamuka zinkalo zonke. 

“Le nto abayenzile ikhombisile ukuthi ukuziphatha kahle akuphelelwa yisikhathi. Ngasengizoshada kodwa kwasho khona ukuthi umuntu engangizoshada naye wenza into engingayithandanga ngamshiya. Emuva kwalokho, ngacela kuNkulunkulu ukuthi makangiphe ukuziphatha kahle ngize ngiguge uma kuwukuthi ngiyoguga ngiseyintombi nto. 

“Nempela uNkulunkulu wangenzela umusa. Ontanga yami sebedla amaphilisi kashukela nawomfutho wegazi ophezulu, mina ngiyaziphilela nje kangidli maphilisi, kangiphathwa nangamadolo. Ngifisa ukuyala lezi zingane eziza ngemuva kwami ukuthi maziqhubeke nokuziphatha kahle ngoba kunomvuzo omuhle nje nasempi-lweni ngoba kakuthina sonke esiyophelela emshadweni,” esho. 

Uthi kumanje useyiqhikiza eliyala izintombi ezisakhula. 

“Ezintombini ezingaphansi kweso lami, sengikhiphe imishado eminingi kabi. Bake bangicela omama abahlolayo ukuthi nami ngihlole ngoba sengimdala, kwaba nesibonakaliso ngilele ebusuku ukuthi ngizovaleka amehlo, ngayeka. Nami ngibheka phezulu komama, bangihlole. Njengoba kwenziwa lo mcimbi nje, ngivuka phansi kubona sebengihlolile,” kusho yena ngokuzigqaja. 

Uthi ngesikhathi egubha usuku lokuzalwa mhla ka-15 kuNcwaba (August) eqeda iminyaka ewu-70 edla anhlamvana umndeni wa-mthengela ifenisha kanokusho ne-khekhe elikhulu, ubonga ukuziphatha kahle kwakhe. 

“Yize sengililahlile ithemba ngomendo, kodwa kangiziboni ngilahla ubuntombi bami sengikule minyaka,” kusho yena. 

UMnu Nano Ngcobo ozalwa ngumfowabo kaNkz Ngcobo, uthe empeleni umuntu obemuliswa ngudadewabo osewashona, wacela yena (uyisekazi) ukuba ambambe-le. 

“Sicele ubabekazi ngoba siyamazi sonke emndenini ukuthi umsulwa, laba abancane kabaqondakali. Besifuna abanjelwe yintombi engenasici. Siyabonga ukuthi emndenini sibe nomuntu onjengaye, oziphathe kahle waze waba nale minyaka anayo,” kuphetha yena. 

thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articleKugxekwa inkulumo kaNala ngokhuvethe
Next articleKucetshiswa intsha ngezinto eziyibeka ethubeni lokuqasheka