PHUMLANI GAMA
KUJUTSHWE inkampani ezimele ezocwaninga ngembangela yokufa kwezinhlanzi emfuleni uMzingazi, eRichards Bay, okunezinsolo zokuthi zibulawe wukungcola kwamanzi okudaleke ngesikhathi kucishwa umlilo oqubuke enkampanini yezingodo emasontweni adlule.
Kusolwa ukuthi izinhlanzi zakulo mfula -oxhuma olwandle – zibhekane nenkinga yokungakwazi ukuphefumula ngenxa yokungenelwa ngamanzi anensizi yomlotha.
Lesi simo sishiye abantu bekhala, ikakhulukazi abaziphilisa ngokudoba kulo mfula.
Abakhulume naleli phephandaba, baveze ukuthi badoba kulo mfula maqede bayothengisa, abanye bondle imindeni yabo.
UMnu Muzi Biyela oyilungu lomphakathi eliziphilisa ngokudoba kulo mfula, uthe bakhathazeki-le selokhu kutholakale ukuthi izinhlanzi zayafa emfuleni.
ILANGA likhulume noMnu Danny Knoesen (osesithombeni) oyimenenja ye-NCT Forestry Agricultural Co-Operative Limited – okuyinkampani okwaqubuka kuyona umlilo. Uthe inkampani yakhe inqume ukuqasha iGround Truth, okuyinkampani ezokwenza ucwaningo ngembangela yokufa kwezinhlanzi.
phumlani@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za