Uphethwe yikhanda elimnandi uBroos

317

Uthi kuyamjabulisa ukungabi ngaphansi kwengcindezi yabadlali

NGAKWESOBUNXELE nguPule Mmodi ozovala isikhala sikaThemba Zwane eduze kwakhe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

MFANAFUTHI NDLOVU

UJATSHULISWA wukuhleleka kwezinto ngokweqophelo eliphezulu umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana enemidlalo emibili emqoka. IBafana izobhekana neNamibia kowesihle ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.Kuzokuthi ngoLwesibili ngo-18h00 idudulane neDemocratic Republic of Congo e-Orlando Stadium. UHugo Broos ololonga iBafana Bafana uthi kuyamjabulisa ukubona izinto ekhempini yakhe zihamba ngokweqophelo eliphezulu okuyinto engajwayelekile. Uthi kuvamise ukuthi kushaye lesi sikhathi samalungiselelo ebamba eyeka. Nokho uzoya kulo mdlalo ngaphandle kukaThemba Zwane ohoxisiwe ngenxa yokulimala ekhanda, endaweni yakhe kufakwe uPule Mmodi weKaizer Chiefs. USiphephelo “Yaya “ Sithole odlala esiswini ufakwe endaweni kaLuke Le Roux. UTeboho Mokoena weSundowns uphumile ngenxa yokuthinteka kwangena uMlungisi Mbunjana weTS Galaxy.


Yingalesi sizathu uBroos ezwakalise ukugculiseka ngamalungiselelo ezakhe yize eke waba nenkinga yokulimala kwabadlali. Uthe uyaqala ngqa ukuphefumula kahle ngabadlali kwazise nabaphesheya kwezilwandle bafike ngesikhathi okwenza izinhlelo zakhe zibe semgqeni. “Kuvamise ukuthi kushaye lesi sikhathi ngibamba ngiyeka. Kuyangijabulisa ukuthi kangikho ngaphansi kwengcindezi yabadlali. Ngiphethwe yikhanda elimnandi lokuthi ngizobophela kanjani ngoba bonke abadlali basesimweni esihle. Ngiyazi ukuthi abadlali abaningi baseNamibia badlala emakilabhini akuleli okwenza umqeqeshi wabo angaphithanelwa yikhanda. “Ukunqoba kakubalulekile kangakho yize kungeke kube kuhle ukudliwa. Ngikholwa wukuthi yomibili imidlalo izosinika ukukhathazeka ngezindlela ezahlukene. “INamibia iyashesha izofuna ukusebenzisa lezo zikhali
zabadlali babo abagijimayo,” kusho uBroos.

Previous articleBachithwe yinkantolo befunela izingane ubuzwe bakuleli
Next article‘Izidumbu zabazali bethu zintanta endanyini lendle’