JOHN HLONGWA
UWAPHIKE wonke amacala ayanyaniswa nawo owesifazane osolwa ngokuba ngungqondongqondo ekubulaweni kwasondelene nabo, ayebakhave ngomshwalense wokufa, abewukhokhela ngemali yempesheni yokukhubazeka. UNkz Sandile Manqele (36), waseMacambini, eMandeni ubevele eNkantolo eNkulu yaseMtubatuba ngoLwesibili.
Uyanyaniswa namacala okubulala amabili, elokuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu, konke okungekho emthethweni. Ubevele enkantolo noNkz Qondeni Mhlongo (51), ongumngani wakhe, uMnu Sinqobile Zondi (24), uMnu Sandile Sikhakhane (22) – okuthiwa wayengumshayeli wetekisi elaliqashiwe ngosuku okwabulawa ngalo esinye sezisulu – noNkk Ritta Mthembu (66) okuvele ukuthi nguyena owathola izinkabi.
Usolwa ngokuba ngungqondongqondo ekwakhiweni kwetulo lokubulawa kukaMnu Sipho Lucas Sibisi owayeyisoka lakhe noNkz Londiwe Shongwe (osesithombeni) oyindodakazi kadadewabo, okuvela ukuthi izinkabi zambulala ngephutha, zazithunywe ukubulala unina, uNkz Sindisiwe Shongwe, okunguyena ayemkhavile.
UMnu Sibisi owabulawa ngokugwazwa, wayekhavwe ngo-R100 000, kodwa uNkz Manqele wakhokhelwa u-R200 000 njengoba wafa ngengozi. Kuthiwa kayikho imali eyakhokhelwa izinkabi ngokufa kukaLondiwe njengoba zabulala umuntu okwakungafanele zimbulale. Wonke la macala enzeka ngo-2022 ezigamekweni ezahlukene.
Phakathi kwabanye ofakazi abasohlangothini lombuso, kukhona nowayeshayela imoto ngosuku okwabulawa ngalo uMnu Sibisi (esiligodlile igama lakhe). Omunye ufakazi wombuso (naye eligodliwe igama lakhe), uyindodakazi yomunye wabasolwa. Utshele inkantolo ukuthi wakhokhelwa u-R6 000 ngokubamba iqhaza ekufeni kwesisulu. UNkz Manqele uwaphike wonke amacala esizwa ngummeli wakhe, uMnu Sizwe Masondo.
Uthe kakulona iqiniso ukuthi wakhokhela omunye wofakazi – ogodliwe igama – u-R6 000. “U…(emgagula) wayengiboleke u-R300. Kwakuyisifiso sami ukuthi ngimbuyisele imali isiphindekile ukuze ngikhombise ukubonga kwami ngokuthi wangisiza,” esho.
Uvumile ukuthi ikhona imali ayithola ngomshwalense wokushona kwesoka lakhe, wathi wayisebenzisela ukukhokhela izindleko zomngcwabo.
UNkz Shongwe owasinda ezodutshulwa, utshele ILANGA ukuthi selokhu kwenzeka lesi sigameko, akabazi ubuthongo.
hlongwaj@ilanganews.co.za