Uthembisa abalandeli beBafana ukuwina ngesitayela kowe-Ethiopia
MFANAFUTHI NDLOVU
UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana ubalisa ngesimo asifice e-Ethiopia athi asiginyisi mathe.
IBafana iguqise ngo-3-1 i-Ethiopia kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMgqibelo ntambama eBahir Dar Stadium, kulo leliya lizwe.
Amagoli eBafana abhajiswe enethini ngoTeboho Mokoena, uMothobi Mvala no-Evidence Ma-kgopa.
IBafana igijime lo mdlalo isiphuke imimoya kulimala uVincent Pule iqembu lisazifudumeza.
Ubewuqala umdlalo. Indawo yakhe ithathwe nguThabiso Kutumela.
IBafana kuzokuthi kusasa ngoLwesibili ngo-18h00 ibhekane nayo i-Ethiopia emlenzeni wesibili eFNB Stadium, eSoweto.
Kulo mdlalo kulindeleke kubonakale okokuqala ngqa abalandeli njengoba kuvunyelwe abangu-2000 ukuba yingxenye yawo.
Kodwa kufuneka labo abayigomele ngokugcwele iCovid-19.
UHugo Broos ololonga iBafana, uthi lo mdlalo bekungafanele ugijinywe kule nkundla ngendlela ebibheda ngayo.
Uthi ibinemigodi emibi ebingadala ukulimala kubadlali.
Uthi le nto imphathe kabi, ukuthi umdlalo walolu hlobo obubukwa i-Afrika yonke ukuthi ungadlalwa enkundleni enjeya.
Ube esencoma abadlali bakhe ngokuzinikela yize isimo besingavumi ukuba badlale ibhola elihle.
“Bakhombise ukuba ngamadoda kulo mdlalo kwazise iyingozi i-Ethiopia uma isekhaya. Babe ne-sibindi esesabekayo kulo mdlalo. Bakwazile ukubhekana nobunzima obebufika nezitha,” kusho uBroos.
Uthi kuzofanele noma kanjani bawunqobe lo mdlalo wangoLwe-sibili ukuzibeka ethubeni elihle lokuya emidlalweni yeNdebe yo-Mhlaba eseQatar ngonyaka ozayo.
“Abadlali bami abazange badlale ngale ndlela esidlale ngayo sibhekene neGhana. Kodwake ngesinye isikhathi into emqoka ngumphumela omuhle. Kulo mdlalo wangoLwesibili kufanele sinqobe ngesitayela ukujabulisa abalandeli bethu.
Uma sinqobe lo mdlalo ngikholwa wukuthi sizozibeka ethubeni elihle lokuya emidlalweni yeNdebe yoMhlaba,’’ kusho uBroos.
IBafana itheleke kuleli izolo ngeSonto ekuseni ukuzokwenza amalungiselelo alo mdlalo.
Leli phephandaba lishicilele uPule esazohlolwa ngodokotela ukuthi ukulungele yini ukuba yingxenye yalo mdlalo wakusasa.