IGalaxy ithathe amaphuzu nemali eziMpofaneni
MFANAFUTHI NDLOVU
noNHLANHLA HUDLA USINDISWE ngamaphoyisa umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki olakeni lwabalandeli bale kilabhu, abebedinwe begane unwabu iguqiswa yiTS Galaxy ngo-1-0 wegoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya kaBrandon Petersen ngomzuzu ka-49 koweDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama eMbombela Stadium, esifundazweni iMpumalanga. Kulo mdlalo iGalaxy idle kahle njengoba inkundla beyigcwele abathandi beziMpofana abebebalelwa ku-25 000, abatheleke benethemba lokuthi ezabo zizokhipha isikhwakhwalala sokunganqobi emidlalweni yeligi selokhu kuqale isizini. IChiefs inephuzu elilodwa nje vo emidlalweni emithathu elithole ibambana neChippa United ngo-0-0 kowokuvula isizini eThekwini.
Emuva kwalokho inikwe isibhaxu yiMamelodi Sundowns kuba ngu-2-1 koweligi njengoba seyilandeliswe yiGalaxy. Lo mphumela ucasule ingxenye yabalandeli enqume ukujikijela izilimazo izibhekise kuNtseki emuva kwalo mdlalo ngesikhathi esebheke ezindlini zokushintshela. Ukudinwa kwabathandi be-Chiefs kudalwa wukuthi sekuphele amasizini awu-8 golokoqo ingayazi inkomishi, osekubaphendule inhlekisa ikakhulukazi kubalandeli bezimbangi zabo ezinkulu, i-Orlando Pirates. Nangesizini edlule abalandeli bavusa isibhaxu beshaya u-Arthur Zwane ebusweni emuva kokuba le kilabhu idliwe yiSuperSport United ngo-1-0 koweligi eLimpopo. UZwane uselisekela likaNtseki emuva kokudilizwa esikhundleni. Ngesikhathi uNtseki egixabezwa ngalo msebenzi, iningi labalandeli lavele lakhombisa ukungenami, likhala ngokuthi akanaso isipiliyoni sokucija kulesi sigaba.
Kulo mdlalo iChiefs ihlulwe kufanele njengoba iGalaxy ibilithunga kamnandi, futhi ingqongqoza ingapheli emapalini kaPetersen oziphunge otakwini amahlandla amaningi ezakhe. Ukulandela izithunzi kweChiefs kwenze abanye abalandeli bayo banquma ukuwushiya phakathi lo mdlalo, njengoba bekucaca ukuthi izitha zimuka nayo uthuli, kubhoke noBernard Parker obekungathi ubuza ukuthi ‘ngubani ikhehla’ njengoba ayesolwa ngobudala esekule kilabhu. Omunye obengayizwa iChiefs nguMlungisi Mbunjana ongukaputeni weGalaxy, okungamangalisanga uma eqokwa njengomdlali wosuku. UMbunjana ubonge abaqeqeshi ngokumnika ithuba, nozakwabo ngokulandela imiyalelo abebeyinikwe yibhentshi. USead Ramovic ololonga iGalaxy, uncome uhlelo lwabo ukuthi lubasenzele kahle kakhulu kulo mdlalo.
Uthe ngendlela ezakhe esezihlangene ngayo, kungaba wumlingo uma bengaqedanga bengaphakathi kwi-top 8 ngokuphela kwale sizini. Uthe azothwala kanzima amakilabhu asazotholana nabo phezulu. UNtseki ukhale ngokuthi kuningi okusafanele bakulungise njengoba bengakhombisanga ukuthi bebekufuna ukunqoba lo mdlalo. Uthe lokhu kumcacele emidlalweni emithathu asebeyidlalile kule sizini kwiligi. Uncome abadlali abasha wathi bayakhombisa ukuthi bazobhubhisa uma sebehlangene kahle. IChiefs igijime lo mdlalo ngaphandle kuka-Ashley du Preez okuthiwe ubebanjwe ngumkhuhlane. Okunye okuqaphelekile kube wukudonseka imisipha ngomzuzu ka-25 kukaRanga Chivaviro ongumgadli omusha weChiefs, ofike ethwelwe ngeqoma ukuxazulula izinkinga zayo phambi kwamapali. Indawo yakhe ithathwe ngu-Christian Saile. Isiyonke imiphumela yeDStv Premiership imi kanjena:- TS Galaxy 1, Chiefs 0; Chippa 0, Sundowns 2; AmaZulu 0, Richards 0; Polokwane 3, Spurs 1; SuperSport 1, Cape Town City FC 0; Royal AM 1, Stellenbosch 3.