Uphumile ejele uPitch Black

2999

INTATHELI YELANGA

UDEDELIWE ejele umculi we-hip hop wodumo lwengoma ethi “Matofotofo”, uThulani “Pitch Black Afro” Ngcobo emuva kokuhlala iminyaka emithathu ekhulukuthu ngecala lokubulala isinqandamathe sakhe seminyaka. UPitch Black wagwetshwa iminyaka ewu-10 ngoNhlangulana (June) 2020 ngecala lokubulala ngokungenhloso uCatherine Modisane emuva kwengxabano. Lo mculi wayebekwe necala lokunyathela ezobulungiswa nelokubulala okuhleliwe. 

Ibamba lejaji eNkantolo eNkulu yaseGauteng, uJ du Plessis, lalengisa ingxenye yesigwebo sikaPitch Black, lathi kodwa uma eke watholakala necala elifanayo, uzokubona okwakhweza ikati emthini. 

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukuqinisekisile ukudedelwa kwakhe, wathi lo mculi uhlomule ohlelweni lokwephulelwa isigwebo. Okhulumela lo mnyango, uSingabakho Nxumalo, uthe: “Ukubulala ngokungenhloso kubalwa namacala okuvumelekile ukuba abenzi bawo bephulelwe izigwebo. Akukho okutheni mayelana nokudedelwa kwakhe (uPitch Black) ngaphandle nje kokuthi vele isigwebo sakhe besesiphelelwe yisikhathi.” 

Kuzokhumbuleka ukuthi uCatherine kwavela ukuthi utholakale eseshonile kwenye yezindawo zokulala eGoli mhla ka-31 kuZibandlela (December) 2018. Wayeshayeke kabi ekhanda. Ngaleso sikhathi, umshushisi, uMatshililo Moleko wathi umbuso usebenzisa ubufakazi bokuthi umufi noPitch Black babendawonye endlini ngesikhathi sesigameko. “(Umufi) watholakala eshonile, kanti-ke imbangela yokufa kwaba wukulimala ekhanda, okungenzeka ukuthi kwadalwa wukuthi umsolwa wamngqubuza ngekhanda odongeni. Yena belu umsolwa, ukuqinisekile ukuthi wamphusha (umufi), futhi wamngqubuza ngekhanda odongeni,” kusho uMoleko ngesikhathi kuthethwa icala.

Ngesikhathi egwetshwa uPitch Black, uPhindi Mjonondwane, okhulumela ezokuShushiswa koMphakathi kuZwelonke, wathi bayasemukela isigwebo, futhi lolu phiko kaluzimisele ngokusiphonsela inselelo.

Previous article“Umama webhantshi” wayesefake nendodana kweyomshwalense
Next articleUfiselwe unwele olude uShenge