UPitso ubhala uyacisha ngoLorch

651

Uthi yiBucs ezomemezela ngalo mdlali omataniswa nezakhe eSaudi Arabia

UMDLALI we-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
AKAPHUMELI obala uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi we-Al Ahli yaseSaudi Arabia ngomdlali we-Orlando Pirates okuvela ukuthi umfuna uthuli. UThembinkosi Lorch, odlala esiswini kwiBucs, sekuphele izinyanga engabonakali kule kilabhu ngenxa yokulimala. Lo mdlali ulimala nje, kuvele kunamahlebezi okuthi ufuna ukushintsha umoya kwiBucs, aye kwenye indawo eyobhekana nezinselelo ezintsha. Ngeledlule kusabalale imibiko ethi lo mdlali angase alibhekise kwezikaMosimane. Le mibiko ivezwe ngelinye lamaphephandaba amakhulu eSaudi Arabia.


UMosimane, ephawula ngalolu daba, uthe: “Ukuba i-Al Ahli ifuna uThembinkosi Lorch abantu abebezokuba nolwazi kuqala ngalokho yimina nosihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza. “Kakukho noyedwa obezokwazi kuze kube yiPirates ememezela ngalo uma seluphothuliwe. “Uma lezi zindaba ziliqiniso, mina kanginalwazi ngazo.” UMosimane ubephawula ngalolu daba ezinkundleni zokuxhumana njengoba nencazelo yakhe ingacacisanga ngekusasa likaLorch nokuthi ukhona yini ezinhlelweni zakhe noma cha.

Previous articleUyabalisa owafakwa yindlala ekuqwayizeni
Next articleUsungule i-app esiza ababheka umsebenzi