Uthi usekhule kakhulu kunangesikhathi ekwiChiefs
MFANAFUTHI NDLOVU
KALIPHONSI ithawula ngokuyodlala e-Europe uHendrick “Pule” Ekstein ozakhele udumo elihlikihla esiswini kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali uhlukane neChiefs kumasizini ambalwa adlule wajoyina iSabah FC yase-Azerbaijan ngaphambi kokudlulela kwiSabeil FC yakulona leliya lizwe.
Uzwakalise ukuthi unethemba lokuthi ifomu yakhe enhle kule sizini ingase imphendlele isikhala kwenye yamaligi amakhulu e-Europe.
“Ngisizwe nguDino Ndlovu (odlala eChina) onginike lonke ulwazi ngebhola lase-Azerbaijan kwazise phambilini udlalile khona. Ngikholwa wukuthi ngibe nesizini enhle kakhulu kusuka ngashiya iChiefs. Kule sizini ngiqobele amagoli awu-5 ngakwazi ukusiza ngakhela ozakwethu amahlandla awu-6.
“Njengamanje okubalulekile kimina wukuqhubeka nokudlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu uma imidlalo seyiqhubeka,” kusho lo mdlali kwiMarawa FM etholakala kwi-internet.
Uthi e-Azerbaijan bamkhulula ukudlala ibhola ngendlela atha-nda ngayo ukudida izitha ukuvulela abagadli ithuba lokuqobela amagoli.
“Sengishaye amagoli awu-5 selokhu iqalile isizini kanti sengigijime emidlalweni ewu-19. Okuhle kakhulu wukuthi abalandeli bangemukele kahle kakhulu,” esho.
Nokho uthi uyakhumbula kuleli ikakhulukazi ukushaywa wumoya nabalingani bakhe. Uthi kuningi asekufundile selokhu ahamba kuleli.
Uthi akasafani noPule obegijima kwiChiefs, engadlali ekhuhla ibhentshi, kwazise ijezi sekuyizinto zakhe okwenza kube mnandi kakhulu ukudlala e-Azerbaijan.
Uthi kumele abadlali bakuqonde ukuthi kunzima ukudlala ngaphandle kunakuleli.
Uthi akhona amakilabhu ase-Europe aseqalile ukungqongqoza kwimenenja yakhe.
Nokho uthi konke kuzocaca kahle uma sekuphele isizini. Uthi uyohlale ebabonga abaqeqeshi adlule kubona kubalwa u-Ernst Middendorp, uSteve Kompela no-Stuart Baxter abebempheka kwiChiefs.