Uqaqwe esezihengile umyeni kadokotela obulewe

565

PHUMLANI GAMA

UBANJWE ngamalungu omndeni wakhe ezama ukuzibulala ngokuzikhunga umyeni kadokotela otholakale ebulewe ebhuthini yemoto yakhe ngeledlule. ILANGA lithole ukuthi uMnu Phumlani Mbeje (43) waseHilton, eMgungundlovu ongumyeni kaDkt Zamambo Mkhize (39), ungeniswe isimo isisbi, kulandela ukubanjwa oqotsheni ngamalungu omndeni wakhe ezama ukuzikhunga ngentambo ngaphandle komuzi wakhe.

UMbeje ubeshade noDkt Mkhize odlule emhlabeni ngesihluku esinyantisayo, kulandela isigameko sokutholakala kwesidumbu sakhe ebhuthini yemoto yakhe iVW Polo Vivo, siboshwe izandla nezinyawo sinezimpawu zokushaywa. Isidumbu sikamufi sitholakale ngezithuba zantambama ngoLwesihlanu ngemuva kwamahora ambalwa engaziwa ukuthi ukuphi futhi engatholakali ocingweni lwakhe. Ubengudokotela esibhedlela sikahulumeni i-Edendale nokuyilapho egcine ukubonakala ephuma khona. Kuthiwa uphume ngaphambi kwesikhathi sokushayisa emsebenzini ngoba ubehlele uhambo nomyeni wakhe, bezohambisa naye ingane esibhedlela. Imoto kamufi ithokale e-J, eMbali isidumbu sifakwe ebhuthini. Ababulali bakhe bathathe isikhwama esincane kanye nomakhalekhukhwini.

NgoLwesibili ngezithuba zantambama kusabalale izindaba zokuthi umkhwenyane wakhe ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuba ebanjwe eqotsheni ezama ukuzikhunga ngentambo ngaphandle komuzi wabo oseHilton, eMgungundlovu. Umthombo waleli phephandaba ulipotshozele ukuthi selokhu kuvele isigameko sokubulawa kukaDkt Mkhize kuningi ukukhuluma okukhona emphakathini kanti nemindeni yalezi zithandani ibhekene ngeziqu zamehlo. “Ziningi izinsolo ezenziwa ngamalungu omphakaathi ngalesi sigameko. Ngakolunye uhlangothi isimo kasisihle kahle phakathi kwemindeni emibili okungowakwaMkhize nowakwaMbeje. Izinhlamba ezikhulunywayo ngiyazesaba nami. UZamambo ubekholwa. Umbhishobhi webandla lakhe uthe igazi lakhe lizozikhulumela, kasazi-ke noma sekuyilona yini leli elikhulumayo,” kusho umthombo.

ILANGA lixhumane noNkk Thembi Mkhize ongunina kadokotela oveze ukuthi udaba lokufa kwendodakazi yakhe luphethwe ngabakwaMbeje okuyilapho ashadela akhona. “Njengoba uyangazi ukuthi isibongo sami ngiwuMkhize, ngicela ungangibuzi lutho ngalolu daba ngoba lukhulunywa ngabakwaMbeje okuyilapho indodakazi yami eyagana khona. Mina ngiyisalukazi esineminyaka ewu-70 okwathi ngonyaka ka-1985 sazala intombazane, bafika bakwaMbeje bayithatha okunamuhla isibulewe. Ngicela ungangibuzi lutho ngoba ngihlukumeze kakhulu ngalolu daba lokufa kwendodakazi yami,” kuphetha yena obekhala kuzwakala ocingweni.

Previous articleKuvela nabakwaGcaba ekubulaweni kuka-AKA
Next articleUZuma angasidlulisa isinqumo sokukhahlelwa yi-IEC – Moeypa