Uqhamuka nekhambi elingelapha iChiefs

522

Uphonsa inselelo kubadlali ukubamba inguyazane yemihlangano

SENZO SOKHELA

UVEZA ikhambi akholwa wukuthi lingelapha iKaizer Chiefs umdlali wale kilabhuN osanda kufika. IChiefs izobhekana nama- Zulu FC koweDStv Premiership namuhla ngoMgqibelo ngo-17h30 eFNB Stadium, eSoweto. IChiefs ibhekwe ngabomvu ukuthi izokwenzanjani kulo
mdlalo njengoba imiphumela ilokhu iyiphika. UThatayaone Dithlokwe (osesithombeni) odlala emuva kwiChiefs, ojoyine le kilabhu ekuqaleni kwesizini esuka kwiSuperSport United, uveza ikhambi akholwa wukuthi lingasiza le kilabhu njengoba iphikwa yimiphumela. “Isizini isanda kuqala, sisazama ukuhlangana kahle njengoba ikilabhu yakhiwe ngobuso obusha. Kufanele sikhohlwe yisikonkolo ikilabhu ephuma kulona, sizame ukwakha elethu. Kufanele sizame ukufunda besesibambelela kulokhu umqeqeshi asifundisa kona.


“Singabadlali sidumele ngale miphumela esibuya kuyona. Kodwa okungasisiza wukuthi sikhuphule amasokisi besesibamba imihlangano ngasese njengabadlali ikakhulukazi ngokwahlukana kwezindawo esizidlalayo, sibheke ukuthi yini esiyenza kahle nesingayenzi ngendlela. “Emuva kwalokho kufanele sisebenze ngokwengeziwe kulokhu esingakwenzi kahle, kangingabazi ukuthi uma senze kanjalo imiphumela izoqhamuka,”esho. Uthi iphutha okungafanele balenze ngelokukhombana ngeminwe uma kukhona ophambukile ngoba lokho kuzobenza babe nhlakanhlaka. “Umdlalo webhola ngowamaphutha uma nihluliwe nisuke niguqiswe niyikilabhu, ngakho-ke kasikho isidingo sokukhombana ngeminwe. Kufanele sibambisane ngaso sonke isikhathi, konke kuzogcina kulungile,” esho.

  • ISIYONKE IMIDLALO
    YELIGI KULE MPELASONTO
    NAMUHLA
    E-FNB: Chiefs vs AmaZulu
    17h30.
    EDanie Craven:
    Stellenbosch vs SuperSport
    20h00.
    KUSASA
    EHarry Gwala: Royal AM vs
    TS Galaxy 15h00.
Previous articleIkhiphe ingonyuluka ‘ngenkohlakalo kanina’ indodana yowe’bhantshi
Next articleUzonxeshezelwa ngezigidi owaboshwa ngephutha