Uqhekeko emndenini wogqenywe yisihlobo ngensimbi wafa

433

Kuthiwa ingxabano yasuswa ngokwashiwo umufi kugconwana

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUFUDUMALA igazi ngenxa yentukuthelo emndenini wakwaSosibo eMfekayi, eMtubatuba, okhala ngokuthi kungani isihlobo sawo esisolwa ngokubulala indodana yawo kubangwa incoko lokuthi izihlobo zawo ziphuza igazi labantu sithole ibheyili yamahhala. ILANGA lithole ukuthi uMnu Philani Sosibo (41), ugqenywe ngensimbi ekhanda nguNkz Lungelo Zungu ongumzala wakhe ngenyanga edlule. Kumanje uNkz Zungu ungaphandle ngebheyili, kulindeleke ukuba abuyele eNkantolo yeMantshi yaKwaMsane mhla ka-2 ku-Zibandlela (December). ILANGA lithole ukuthi emuva kwesigameko, uNkz Zungu namalungu omndeni wakhe bahambe baya emaphoyiseni bayobika ukuthi umufi uwile washayeka ekhanda, okuyikho okuholele ekutheni aphangalale.

Lokhu kuwacasulile amanye amalungu omndeni emuva kokuba efike emaphoyiseni atshelwa uhlangothi lomndeni kaNkz Zungu, wona afike asho olwawo uhlangothi, okuyilo oluholele ekutheni aboshwe. UMnu Nkanyiso Sosibo ongumfowabo kamufi, uthi isimo sishubile emndenini kanti okuphinde kwathela usawoti esilondeni wukudedelwa kukaNkz Zungu ngebheyili yamahhala, okwenza babone sengathi ukubulawa kukamfowabo kube wumdlalo nje. Utshele ILANGA ukuthi lesi sigameko saqala umfowabo ezidlalela nezingane zakubo kaNkz Zungu okulamana unina kamufi noyise kamsolwa.


“Umfowethu ubephuma komunye umuzi obekunomcimbi kuwona, wahlangana nelinye ilungu lomndeni liqhuba ibhala, lihamba nezingane. Ubalekelelile wabaqhubisa ibhala. Indaba isukengesikhathi sebegconana, lona wakithi watshela leli lungu lomndeni ukuthi kubo badla igazi labantu. “Umndeni walo ufike ungasadle nkobe zamuntu ekhaya, waxabana nomfowethu, kwaliwa. Umzala udonse insimbi washaya ngayo umfowethu ekhanda, yabhajwa khona. Ushone emuva kwezinsukwana simphuthumise esibhedlela.

“Emuva kwalokho kubizwe umhlangano womndeni, lwadingidwa lolu daba njengoba phela umphefumulo ukhishwe yisandla sasekhaya. Sivumelene ngokuthi kuzomele kubikelwe amaphoyisa. “Kuthe ngakusasa sesiya esiteshini samaphoyisa, sathola ukuthi umsolwa namanye amalungu omndeni sebefike kuqala babhalisa ukuthi umfowethu ushone emuva kokuwa washayeka ngekhanda ensimbini. Lokhu kuwacasule kakhulu amalungu omndeni,” kusho yena. Uthi badumele ngeledlule umsolwa esephuma ngebheyili yamahhala. “Bengiqala ukuzwa ukuthi umuntu uyadedelwa ngebheyili yamahhala ngecala elibucayi ngale ndlela.


Kumanje umndeni uhlukene phakathi, kawungenelani ngoba kunabanye abahambisana nomzala,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaKwa-Msane wadedelwa ngebheyili, usazophinde avele enkantolo.

Previous articleUKhuzani nohlelo lokuvakashela izikhungo ukuzwisa izitshudeni amazwibela
Next articleIngozi yokushoda kwamanzi emadolobheni