Kukhona asebefuna kulethwe inyanga emuva kokwehluleka kwemithandazo
SKHOSIPHI MTHEMBU
SEKUQUBUKE uqhekeko esikoleni samabanga aphansi eMtubatuba kulandela ukuvalwa kwaso ngenxa yokuhayiza kwabafundi ngaphakathi kwamagceke aso. Kubikwa ukuthi selokhu zavulwa izikole njengoba bezivalele amaholide ePhasika, iBongubuhle Primary eseMadwaleni, eMtubatuba, kayikaze ivulwe ngenxa yezigameko zokuhayiza kwabafundi. Kubikwa ukuthi le nkinga isinesikhathi ilokhu yenzeka, okuholele ekutheni kuthathwe isinqumo sokuba sivalwe isikole, kuze kube kutholakala isixazululo ngale nkiyankiya ebhekene nesikole. ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi sekunoqhekeko olukhona esikoleni njengoba abazali bekholelwa ekutheni kumele kulandwe umuntu wesintu ukuzoxazulula le nkinga njengoba abakhulekayo kubikwa ukuthi sebegadle zephuka.
Ngakolunye uhlangothi, kubikwa ukuthi isikole sishaya phansi ngonyawo, sithi kasinayo imali njengoba kuthiwa umuntu ozolethwa wesintu udinga inkokhelo. Umthombo weLANGA okuleya ndawo, ulihlebele ukuthi sekuhlale imihlangano eminingi kuzanywa ukuphuma nesixazululo, kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Uthi okudala lokhu wukuthi kunokungaboni ngaso linye nobuholibesikole njengoba bona bungahambisani neyokulethwa komuntu wesintu, bukhala nangokuthi imali kayikho. Uthi indlela isimo esibi ngayo, sekuze kwangenelela nobuholi bendabuko endaweni. “Selokhu zivuliwe izikole emuva kwamaholide ePhasika, lesi kasikaze sivulwe. Okwenza lokhu wukuthi izingane bezikhala ubumayemaye, zigingqika phansi, ezinye ziquleka.
“Lokhu kugcine kuphoqa ukuba kumiswe ukufunda kuze kutholakale abantu abazofika esikoleni, bazame ukuqeda lokhu okukhalisa izingane. “Inkinga ekhona wukuthi abazali sebefuna nanoma yiluphi usizo okubalwa nezinyanga ukuthi zizobheka, kodwa ubuholi besikole kabuyingeni leyo njengoba buthi kabukwazi ukuthi bungahambisana nokuthi kungene umuntu oyinyanga emagcekeni esikole. “Lokhu sekudale uqhekeko ngoba izingane kumele zibuyele esikoleni. Ngikhuluma nje, besinomhlangano, kwabizwa obezokhuleka ocele ukuba zifike izingane. “Naye uhlulekile ngoba zivele zaquleka khona lapho, saze sazixosha ezinye ngoba sesaba ngendlela isimo sazo ebese siyiyona,” kusho umthombo. UMnu Kwazikwenkosi Mkhwanazi oyinduna kule ndawo, ukuqinisekisile ukuthi izingane ziqulekile yize bese kufike obezokhuleka ngoLwesihlanu.
Uvumile ukuthi inkinga ekhona wukungaboni ngaso linye odabeni lokuba kukhokhelwe umuntu wesintu njengoba isikole sikhala ngokuthi kasinayo imali. “Indlela isimo esibi ngayo, sesicabanga nokubiza umphakathi kubonakale ukuthi ingahlanganiswa kanjani imali yokukhokhela umuntu wesintu, ngoba kudala kwakukhulekwa kodwa kusazifanela nje. ” NangoLwesihlanu ufikile umuntu obezokhuleka futhi ayaziwa ngisho amagalelo akhe kulo msebenzi wokuthandaza, kodwa izingane ebezikhonaziqulekile,” kusho uMkhwanazi. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi ukuhayiza kwezingane kuyinto ewukhathazayo umnyango. Uthe kumele abazali bahlangane, kuvunyelwane ngento eyodwa ukuzama ukuthola isixazululo. “Kumele abazali bahlale phansi nobuholi besikole, kuvunyelwane ngento eyodwa ngoba kawukwazi ukuthatha uhlangothi ezintweni ezinjena ezihlanganisa nezinkolelo zabantu abehlukene. “Abazali kumele bahlangane ukuze baphume nesixazululo ngokubambisana nesikole,” kusho uMahlambi. skhom@ilanganews.co.za